Ezakamuva

Kuvela ‘okubophise’ uRulani Mokwena e-Algeria

SIHLE NGUBO

Kuvela isizathu esenze ‘kwaboshwa’ obengumqeqeshi weMC Alger, uRulani Mokwena, osanda kushiya leli qembu lase-Algeria.

UMokwena, osebheke kwi-Al Ittihad yaseLibya, kubikwa ukuthi uke waphazamisana nengalo yomthetho esikhumulweni sezindisa e-Algeria, ngoba ubephethe imali elinganiselwa ku-€14, 200 okuthiwa ithathiwe kuyena.

Ngemuva kwalokho ube esenikwa isigwebo sezinyanga ezimbili esilengisiwe, wase ehlawuliswa nemali, wadedelwa.

Lo mqeqeshi, owazakhela igama kwiMamelodi Sundowns, umangaze abaningi ehlukana neMC Alger abenza kahle kakhulu kuyona.

Ngokusho kwentatheli uNazim Bessol, ebikhuluma neRadio 2000, umqeqeshi uMokwena uphule umthetho wokuphuma nemali e-Algeria.

Kuyaziwa ukuthi kwamanje amazwe bakuvumela ukuthi uphume nemali ethile, bese bakunqande uma uphethe isamba esingaphezulu kwaleso abasemukelayo.

E-Algeria awuvunyelwe ukuphatha imali engaphezulu kuka-2000 USD, kanti uMokwena ubephethe ecisho ifinyelele ku-15000 USD.

Kuvela ukuthi abazange bambophe kodwa ulale ehhotela ngemuva kwesigameko.

Usebheke ukuthatha ibhanoyi eliya eTurkey bese alibhekise eLibya ukuyojoyina i-Al Ittihad.

Inxusa laseNingizimu Afrika elizinze eLibya lazisiwe ngalesi sigameko.