EzakamuvaIbhola

IBucs kuseduze iqede konke nomdlali weBafana Bafana 

SIHLE NGUBO 

I-Orlando Pirates sekuseduze iqede konke noSinoxolo Kwayiba weChippa United ngokwemibiko esabalale ngoLwesithathu.

Lo mdlali, obuye adlalele iBafana Bafana, maningi amathuba okuthi azithole egijima kwiBucs njengoba kuvela ukuthi amaqembu (iPirates neChippa) sebevele bavumelene ngokuthi aye eMayfair.

Yinto eyaziwayo ukuthi iBucs neChilli Boys bayanikana abadlali baphinde babolekane.

UGoodman Mosele ubuyele kwiPirates ngemuva kokuhlala isikhathi eside kwiChippa ebolekisiwe.

Unozinti uSipho Chaine ufike kwiPirates ngo-2022 esuka kulona leli qembu elizinze eGqeberha.

UBienvenu Eva Nga uke wathi qu kwiBucs kodwa wabuye wabuyela kwiChilli Boys.

Umqeqeshi uRulani Mokwena uke wabolekiswa yePirates kwiChippa, nokuyinto engajwayelekile.