Ibadidile iSwallows, uRiveiro uyabuvuma ubunzima bayo
IMoroka Swallows ikwazile ukugxigxizisa i-Orlando Pirates yagcina ilitholile iphuzu emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
Lo mdlalo ugcine uphele zibambene ngo 1-1, okuwumphumela ovuna kakhulu iSwallows.
“Bekuwumdlalo onzima, bebeshesha kanti thina besifuna ukudlala ibhola,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Senze iphutha elilodwa, basikhokhisela lona esiwombeni sokuqala.
“Kube yilapho kuphela la bekwaze khona ukuba nebhola eliqonde enethini namuhla.
“Umdlalo ubusivuna ukuthi senze noma yini, kodwa besihluleka ukushaya iphasi yokugcina.
“Besingakwazi ukunquma ukuthi siphase noma sikhahlele. Kodwa sibe nomdlalo omuhle, sidlale ibhola elihle.
“Ngicabanga ukuthi siqale kahle siwuphethe umdlalo. Besilindele ukuthi sithole okuthile.
“Kodwa singenelwe yigoli
“Angijabule ngephuzu, ngendlela esidlale ngayo bekumele sithole okungaphezulu kwalokho.
“Kuphinde kwaba wumdlalo la sinegoli khona kodwa asangakwazi ukushaya amagoli enele,” kusho uRiveiro.
Ngokwebhola, iPirates beyizenzela kulo mdlalo kusuka ekuqaleni kwawo kodwa ifice iSwallows ibeke ingangamela yebhasi emuva.
Umdlalo uze wavuleka kahle ngemuva kokuthi iSwallows ithole igoli kade ihlasela ngokuzumisa.
Kube yiphutha likanozinti uSipho Chaine ohluleke wukukhipha ibhola ebhokisini lakhe.
Livele labheka phezulu qede lawela phambi kukaLindokuhle Mtshali obe eselivalela enethini. Bekungumzuzu ka-27 kungena leli goli.
Izamile ke iPirates kodwa yehluleka kwaze kwayiwa ekhefini kusayiSwallows ehamba phambili.
Nokho iPirates ibuye isingcono kakhulu futhi seyibonakala ukuthi inecebo lokugqobhoza lolu donga lweSwallows obeluqinile.
Kube uPatrick Maswanganyi othola elokulinganisa ngomzuzu ka-53 ngemuva kokubekelwa ibhola elihle uThabiso Lebitso.
UNkosinathi Sibisi ukhishwe ngekhadi elibomvu umdlalo sewuphela ngemuva kokuqophisana nonompempe obevele eyicindezele iPirates.
Kukhona nala uMabasa eciphazelwe khona ebhokisini kodwa waziba nje unompempe, okwenze abeBucs babone enokwenzelela.
FUNDA NALA: UMunetsi uveza isifundo esimqoka asithola kwiSoweto Derby
USibisi akazange akhombise ukukhalaza ngemuva kwekhadi lakhe okukhomba khona ukuthi ubekwazi akwenzile.

