EzakamuvaIbhola

UMunetsi uveza isifundo esimqoka asithola kwiSoweto Derby

Owayengumdlali we-Orlando Pirates, uMarshall Munetsi usanda kuveza ukuthi ukudlala kwiSoweto Derby kwamsiza kanjani ukuthi asheshe ajwayele kwiFrench Ligue 1.

Ekupheleni kwesizini ka-2018/19, uMunetsi wavalelisa kwiDStv Premiership, waqala impilo entsha kwiLiggue 1 neStade de Reims. 

Leli qemu laseFrance laliheheke ngemuva kokumbona enza kahle kwiPirates, ayesephenduke omunye wabadlali abayinsika kuyo. 

Ubonga ingcindezi yokudlala kuleli qembu laseSoweto, ikakhulukazi emdlalweni womkhaya neKaizer Chiefs athi kwamqinisa kakhulu. 

Ngesikhathi esekwiPirates, uMunetsi wabhekana neKaizer Chiefs amahlandla amane – imidlalo emithathu yeDStv Premiership nowodwa kwiCarling Cup. 

KwiStade de Reims, uMunetsi ubhekana nezinsephe ezisathswayo zase-Europe ezifana noLionel Messi (esekwi-PSG) noKylian Mbappé.

“Kunezinto ezimbili ezibalulekile kimina, okokuqala umdlalo wami wokuqala neBaroka FC e-Orlando Stadium… 

“Nokuqala kwami okokuqala emdlalweni onomlando iSoweto Derby,” kusho uMunetsi etshela i-FARPost.

“Uma udlala leyo dabhi, kukhona okushintshayo kuwena njengomdlali. 

“Nakimi, kwaba kuhle ngoba ukusuka lapho, ngangikwazi ukudlala ngokukhululeka phambi kwanoma yisiphi isixuku.”

Ngesikhathi engaphansi komqeqeshi uMilutin Sredojević, lo mdlali waseZimbabwe wajikwa wadlaliswa emuva.

Kule sizini, usedlale imidlalo engu-21 kwiLigue 1, kanti unamagoli amathathu, wakhela nozakwabo amagoli izikhawu ezine.