‘Ufunde lukhulu’ uPitso esibhaxwini se-Al Nassr
UPitso Mosimane ulamukele ngokugcwele icala lokuhlulwa kwe-Abha FC ngo 8-0 ibhekene ne-Al Massr ebiholwa uCristiano Ronaldo.
UMosimane uyivumile inselelo enzima iqembu lakhe elibhekane nayo, njengoba uRonaldo ne-Al Nassr bebebacingisa izithunzi ngesiwombe sokuqala.
Lo mdlali owine indondo ye-Ballon d’Or amahlandla amahlanu ushaye amagoli amathathu ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.
Kodwa ngesikhathi sekhefu, yena noSadio Mane, naye oshaye igoli esiwombeni sokuqala, bakhishiwe.
Ngemuva komdlalo uMosimane uveze ukuthi nguyena okumele asolwe ngaleli hlazo elenzekile.
Nokho ukugcizelele ukubaluleka kokuthi abadlali bakhe bafunde emaphutheni abo ukuya phambili.
“Ngumthwalo engiwemukela ngokuphelele lona,” ucashunwe esho kanje uMosimane kwiYallakora.
“Kumele sikwamukele ukuhlulwa ngemuva kokwenza amaphutha amaningi, futhi kumele sifunde kulesi sifundo esinzima.
“I-Al Nassr siyinikeze amagoli amahlanu ngamaphutha amakhulu ethu.
“Ngiyamdabukela umdlali, uMohammed Al-Qahtani (oneminyaka engu-22).
“Ungumdlali osemncane futhi kumele afunde emaphutheni akhe emidlalweni ezayo.”
Yize lihlulwe kanzima leli qembu likaMosimane lisalele ngamaphuzu amabili ekutheni lisuke endaweni yezembe.
Yiwona ke umsebenzi lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika ayelandelwe wona – ukuvika izembe.
“Umsebenzi wethu wokuqala manje wukuhlala kwiSaudi Pro League,” kusho yena.
FUNDA NALA: Nalu uhlu lwabaqeqeshi abamataniswa neChiefs
Emdlalweni olandelayo ezikaMosimane zizobhekana ne-Al Fateh esendaweni yesishiyagalombili kwilogi.

