EzakamuvaIBetway Premiership

USebelebele wesese ngokuthandwa abalandeli bePirates

SIHLE NGUBO

Umdlali we-Orlando Pirates, uKamogelo Sebelebele, uthi ujabula kakhulu ngendlela abamemukele ngayo abalandeli baleli qembu abakhombisa ukumthakasela kakhulu.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaye iStellenbosch FC ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlali uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo kanti uyena oshaye igoli okunqobe ngalo eZimnyama.

Echaza ngegoli elihle alishaye kulo mdlalo, uSebelebe uthe ubonile ukuthi uzomudla uStephen Sage ongunozinti weStellies.

“Ngibonile ukuthi unozinti ulahlile ngase ngibeka ibhola le ekhoneni,” kusho uSebelebe ngemuva komdlalo kwiSuperSport TV.

“Ngibonga kakhulu uthando engilinikwa abalandeli selokhu ngifike kwiPirates. Lusho lukhulu kimina.”

Igoli elinike iPirates amaphuzu amathathu, lingene ngomzuzu ka-15 lishaywa uSebelebe, wasala eneka amanabukeni uStephens ezintini zeqembu laseKapa.

Isiwombe sesibili besehluke kakhulu kuyiStellies ebihlasela izama igoli lokulinganisa.

Nokho iPirates ibembelele yaze yagcina iwatholile amaphuzu okuqala esizini.

EZimnyama bese zishaywe kabili kulandelana emidlalweni yokuvula yeBetway Premiership.

IPirates iqale yashaywa yiSekhukhune United emdlalweni wokuqala, kwathi kowesibili yashaywa yiMarumo Gallants.

NgoMgqibelo iPirates izobhekana neMamelodi Sundowns emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8, ePitoli.

Umdlalo womlenze wokuqala uphele ngo 1-1 nokuchaza ukuthi iPirates kumele nakanjani ilishaye igoli ngoMgqibelo.

NangoMgqibelo igoli lokulinganisa lePirates lishaywe uyena uSebelebe ngesiwombe sesibili.

ISundowns ishaye iMagesi FC ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu ebusuku.

Komunye umdlalo weMTN8 ngoMgqibelo kuzotholana phezulu iSekhukhune United neStellenbosch.

Emdlalweni womlenze wokuqala eKapa kunqobe iStellenbosch ngo 2-0.