Okusha ngokubulawa kukaLuke Fleurs weChiefs
Seluvelile ulwazi lokuthi senzeke kanjani isigameko sokudunwa kwemoto esidlule nomphefumulo kaLuke Fleurs obengumdlali weKaizer Chiefs.
UFleurs udutshulwe abalisa abebezama ukumduna imoto endaweni yaseFlorida, eRoodepoort ngoLwesithathu ebusuku.
Kuvela ukuthi lesi sigameko eseishaqise izwe lonke senzeke egaraji likaphethiloli ngoLwesithathu ebusuku eGoli.
UFleurs, oneminyaka engu-24, ubelinde ukwethelwa uphethiloli ngesikhathi kuthushuka abalisa ababili abebehlome ngezibhamu.
ULuke Fleurs ubengesinye sezisisulu zobugebengu obunodlame obudlangile eNingizimu Afrika.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Mavela Masondo useveze eminye imininingwane ngalesi sigameko esishaqisayo.
Kuthiwa uLuke Fleurs ume egalaji likaphethiloli ekhoneni lika-14th Avenue noHendrik Potgieter Drive, ehamba ngeVW Golf 8 GTI ebomvu.
La madoda kubikwa ukuthi akhombe uFleurs ngesibhamu, ngaphambi kokuthi amyalele ukuthi ehle emotweni, okuyilapho edubuleke khona emzimbeni.
“Esalinde ukuhlinzekwa ngophethiloli, uhlangane nabesilisa ababili abebehlomile abebehamba ngemoto yohlobo lweBMW 1 Series emhlophe,” kusho uMasondo ngoLwesine.
“Abasolwa bamkhombe ngesibhamu bamkhipha emotweni yakhe, bamdubula kanye emzimbeni.
“Omunye umsolwa uhambe nemoto kamufi elandelwa yilaba abehamba naye.
“Isisulu siphuthunyiswe esikhungweni sokunakekelwa kwezempilo esiseduze nalapho kwatholakala ukuthi sesishonile ngesikhathi sifika khona.”
Omunye wabaduni obelandela imoto kaFleurs ngemuva kwesigameko kuthiwa ubehamba ngeBMW. Akukaboshwa muntu okwamanje.
UKhomishana wamaphoyisa eGauteng uLieutenant General Tommy Mthombeni kuthiwa usejube ithimba labaphenyi abangomakadebona ehhovisi lesifundazwe ukuthi liphenye ngalolu daba.
FUNDA NALA: Kuvela okwenza isimo esimuncu kuMaZulu
Amaphoyisa acela noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngalesi sigameko, uyacelwa ukuthi ashayele esiteshini samaphoyisa esiseduze noma ashayele iCrime Stop ku-08600 10111 uma bekwazi ukukuthinta.

