EzakamuvaIbhola

Uthembisa iKaizer Chiefs ehlaselayo koweTownship Rollers

Sbongs Gumbi

IKaizer Chiefs yamukelwe ngemfudumalo ngesikhathi ifika eBotswana emdlalweni olindelwe ngabomvu wokuzwana amandla neTownship Rollers.

Lo mdlalo, ozoba seNational Stadium, uzodlalwa ngoMgqibelo ngo-3 ntambama kanti uzokhonjiswa bukhoma kuSuperSport 202.

Umqeqeshi waMakhosi, uMolefi Ntseki uvele waqhulula ihlaya ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, kuba nguye owamukela iqembu lakhe eGaborone.

Lona kuzoba ngumdlalo wokugcina kwiKaizer Chiefs ngaphambi kokuqala ngokusemthethweni kwesizini ka-2023/24.

Nakuba lo mdlalo kungowobungani, uzomsiza kakhulu uNtseki ozimisele ngokuqinisekisa ukuthi iqembu lakhe liyiqala ngegiya eliphezulu isizini.

Ngokuzethemba ngezinga leqembu lakhe, uNtseki uthembise abalandeli ibhola elithokozisayo nelihlaselayo kulo mdlalo.

Nokho kube ngumdlali omusha wasemuva, uThatayaone Dithlokwe othakaselwe kakhulu njengoba ebebuyela ezweni lakubo okokuqala esengumdlali weChiefs.

“Ngihlaliseke kahle kakhulu,” kuphendula uDithlokwe uma ebuzwa ngenhalo yakhe njengoba esanda kufika eNaturena yodumo.

“Ngithole ukwesekwa ngumqeqeshi nabadlali abadala kusukela ngosuku lokuqala ngifikile. Nagmukelwe kahle kakhulu.

“Njengoba eshilo umqeqeshi, le khempu yokulungiselela ukuqala kwesizini yenze kwaba lula ukuthi sihlangane futhi sizwane nozakwethu.

“Ukuba sekhempini kusisiza ukuba sazane kangcono futhi sisondelane. Sithola ukufunda amandla omunye nomunye.

“Sidlale umdlalo wobungani neYanga obe yisivivinyo esihle kithi. Sikujabulele ukuwudlala ngoba siyakuthanda ukusebenza kanzima.

“Futhi kuze kube manje konke kuhle kakhulu,” kwengeza le nsizwa esencane engukaputeni weqembu lesizwe laseBotswana iZebras.

Ekubuyeni kwayo eBotswana, iChiefs izobe seyilungiselela umdlalo wayo wokuqala kwiDStv Premiership la izobhekana khona neChippa United.

Yize kungumdlalo wayo wasekhaya lona, iKaizer Chiefs iqoke ukuwudlalela eMoses Mabhida Stadium eThekwini. 

FUNDA NALA: UHotto ubalwa kwabangase bashiye kwi-Orlando Pirates 

Le nkundla ngenye yezizosetshenziswa yiChiefs emidlalweni yasekhaya kule sizini. Eminye imidlalo izoyidlalela ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.