EzakamuvaIbhola

UJulies ukitazwa yithuba lokuqopha umlando ngeDowns

Ukaputeni we-University of Pretoria, uSamuel Julies, uthi bayajabula ukuthi bazobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni we-quarterfinal yeNedbank Cup.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iqembu lakhe lishaye iCasric Stars ngo 1-0 emdlalweni weMotsepe Foundation Championship eSolomon Mahlangu Stadium, eMpumalanga, ngoLwesihlanu.

USamuel Julies uyena oshaye iphenathi yeTuks ngomzuzu ka-90+3, bawantshontsha kanjalo amaphuzu eMpumalanga.

“Ngiyajabula. Kuzoba umdlalo omnandi nesizowujabulela esizowudlala neSundowns. Yilokho engingakusho,” kusho uJulies ngemuva komdlalo.

“Ngikubheke ngabomvu ukuyodlala lo mdlalo, ikakhulukazi ngoba iSundowns iqembu lami lakudala.”

UJulies ukhulele khona kwiSundowns futhi ungomunye wabadlali abasuka kuyona abasadlala kahle.

Ukuwina kweTuks kusho ukuthi seyinyukele esicongweni kwilogi yeChampionship ngamaphuzu angu-44.

Ishiya iMagesi ngamaphuzu amabili kodwa yona isidlale imidlalo engu-23 kanti iMagesi isidlale angu-22.

IMagesi izolithola ithuba kokubuyela esicongweni njengoba izobhekana ne-Orbit College ngoMgqibelo.

“Sidlala ngokubambisana njengeqembu, ngakho kumele ngibonge ozakwethu ngokuyibamba ishisa,” kusho uJulies.

“Okubalulekile manje ukuthi ngokwemiqondo sibe sesimeni esihle.”

Umqeqeshi weTuks uTlisane Motaung uthe ayikho ingcindezi abanayo njengoba bezobhekana nompetha beligi, iSundowns, kwiNedbank Cup.

“Sizobhekana neqembu elihamba phambili e-Afrika. Abadlali kumele baye kulo mdlalo bayofunda,” kusho uMotaung.

“Akukho ngcindezi engizoba nayo, nabadlali ngeke ngibafake ingcindezi. Kumele bafunde okuningi ngokwanele kulo mdlalo.”