‘Bekungamele sibhudluzwe kanje,’ kusho uKomphela
SIHLE NGUBO
USteve Komphela, oqeqesha iLamontville Golden Arrows, akakholwa wukuthi bekumele babhudluzwe ngo 7 -1 yi-Orlando Pirates emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo.
Abafana Bes’thende babuye benyobozela e-Orlando Stadium ngemuva kokuthelwa othulini eZimnyama, okube ukuhlanzeka okubi kakhulu.
“Ukushaywa ngo 7-1 angikholwa ukuthi kukhombisa obekwenzeka ngempela emdlalweni, nokuthi kusidweba sicace isithombe somdlalo,” kusho uKomphela ngemuva komdlalo.
“Bekungaba ngu 7-4 noma ngu 7-5. Ngaphambi kokuthi bathole igoli sakhe amathuba abengasenza ukuthi sihambe phambili.”
Kulo mdlalo bekubhoke uTshegofatso Mabasa oshaye amagoli amathathu, waqokwa njengomdlali ovelele.
Lo mdlali osanda kubuyela kwiPirates, ngemuva kokubolekiswa kwiMoroka Swallows, ubengaphuma namagoli amane kulo mdlalo ukube akayigejanga iphenathi ngaphambi kokuthi ziye ekhefini.
Okuqaphelekayo ukuthi uMabasa ubesebenzisana naye uKomphela kwiSwallows ngaphambi kokuthi kuphithane izinto kuleli qembu laseSoweto.
Ngaphansi kukaKomphela ubeshaya amagoli abalulekile nokwenze ukuthi iZinyoni ziyiqale kahle isizini.
I-Arrows ibiqala ukushaywa ngaphansi kukaKomphela selokhu ethathe izintambo kuMabhuti Khenyeza.
Ngaphambi kwalo mdlalo uKomphela ubesedlale imidlalo emithathu, wawina emibili wase edlala ngokulingana owodwa.
Abafana Bes’thende kuzomele bakukhohlwe konke ukuphoxeka abakuthole e-Orlando Stadium, uma sebetholana phezulu neRoyal AM emdlalweni olandelayo.
FUNDA NALA: Kuvela okuzokwenza kuhlehliswe oweCity noSuthu eKapa
Bazokwamukela iThwihli Thwahla emdlalweni weDStv Premiership eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngo-Ephreli 20.

