ISpurs isaphefumula e-ICU, umshini awukacishwa
SIHLE NGUBO
ICape Town Spurs isaphefumula e-ICU futhi ‘umshini awukacishwa kuze kweneliseke odokotela.’
Leli qembu laseKapa linqobe kwiRoyal AM ngo 1-0, emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, ngoLwesibili ebusuku.
Lokhu kulinika ithuba lokuphefumula njengoba selivale igebe laba amaphuzu amahlanu phakathi kwalo neRichards Bay FC.
Imidlalo yeDStv Premiership seyiya ngasekupheleni kanti kuyaliwa emsileni kubangwa ukuthi yiliphi iqembu elizodliwa yizembe ekupheleni kwesizini.
Njengamanje iNatal Rich Boyz inamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-26. ISpurs inangu-18 emidlalweni engu-27.
IBay inalo ithuba lokuphinde ivule igebe njengoba izobhekana nePolokwane City, e-Old Peter Mokaba Stadium, ngoLwesithathu ebusuku, emdlalweni okulindeleke ukuthi ube nzima ekuhambeni.
Ukuhlala kweSpurs kwiPremiership kuncike ekutheni inqobe yonke imidlalo esele bese iNatal Rich Boyz ishaywe kweyayo.
Nokho i-Urban Warriors ibukeka izolwa kuze kube sekugcineni, nomqeqeshi wayo u-Ernst Middendorp ufuna lokho.
“Sisenayo inhlansana encane yethemba. Kumele sinqobe imidlalo yethu bese siyabona kwenzekani,” kusho lo mqeqeshi ngaphambi komdlalo neRoyal AM.
Emdlalweni olandelayo iSpurs izobhekana neSuperSport United, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ntambama.
FUNDA NALA: Uzinuke amakhwapha uChivaviro iChiefs ibambana neGalaxy
Ngemuva kwalokho izovakashela iLamontville Golden Arrows ngoMeyi 18, bese ivale isizini ngokubhekana neKaizer Chiefs ngoMeyi 25.