EzakamuvaIbhola

Iziqophele owayo umlando iPirates ibhudluza i-Arrows

I-Orlando Pirates ayizange ikhombise ububele kwiGolden Arrows, iyibhubhisa ngo 7-1 eSoweto ngoMgqibelo odlule. 

UTshegofatso Mabasa nguye obengezwile kakhulu njengoba egcine ephume namagoli amathathu kulo mdlalo weDStv Premiership. 

Amanye amagoli ashaywe oRelebohile Mofokeng, Kabelo Dlamini, Sandile Mthethwa noKarim Kimvuidi. 

Umqeqeshi uJose Riveiro uvele wathi iBucs beyisemuzweni wokushaya amagoli kulo mdlalo. Igila lezi zimanga nje iPirates beyikade ibambane ngo 1-1 neMoroka Swallows kanti ngaphambi kwalokho beyithole induku ka 2-1 kwiSekhukhune United. 

Ukunqoba ngo 7-1 kuqophe irekhodi elisha laleli qembu ekushayeni amagoli emdlalweni owodwa. 

Amarekhodi adlule kube ngamabili la iPirates yashaya khona ngo 6-0 iCrystal Lake ne-Ajax Cape Town.

Emdllaweni olandelayo, nosubhekwe ngabomvu, iPirates izobhekana naMaZulu FC emdlalweni weNedbank Cup. 

AmaBhakabhaka azohambela eThekwini lapho azobhekana khona noSuthu ngoMgqibelo ntambama eMoses Mabhida Stadium.

Nawa amarekhodi ePirates okushaya amagoli amaningi

  • Ephreli 6, 2024 – 7-1 vs Golden Arrows
  • Febhuwari 24, 2024 – 6-0 vs Crystal Lake FC
  • Septhemba 22, 2004 – 6-0 vs Ajax Cape Town
  • Agasti 12, 2023 – 5-0 vs Sekhukhune United FC
  • Mashi 12, 2016 – 5-0 vs Jomo Cosmos.