EzakamuvaIbhola

IZinyoni zingase zifake iThwihli Thwahla kwalasha

IMoroka Swallows ngeke izithole idlala imidlalo yokuhlunga kodwa ingase idudulele iRoyal AM kuyona le midlalo uma inqoba.

IZinyoni zaseDube zinamaphuzu angu-32, okuchaza ukuthi seziphephile ekutheni zingaya ukuyodlala eyokuhlunga, lapho kungabuyeki khona kalula.

Ngemuva kweSwallows kukhona iRoyal AM enamaphuzu angu-30, bese kulandele iRichards Bay FC enamaphuzu angu-27.

Emdlalweni wokugcina iZinyoni zizotholana phezulu neThwihli Thwahla eDobsonville Stadium, koweDStv Premiership, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Ukushaywa kweThwihli Thwahla kulo mdlalo kungayifaka kwenkulu inkinga uma iNatal Rich Boyz iwunqoba umdlalo ezowudlala neStellenbosch FC, eKing Zwelithini Stadium, ngawo uMgqibelo.

IRoyal AM neBay bayalingana ngomehluko wamagoli okuchaza ukuthi uma belingana ngamaphuzu uma iThwihli Thwahla ishaywe yiSwallows, iyona engaqeda kunombolo 15.

Nokho iNatal Rich Boyz izobe ibhekene nomdlalo onzima kakhulu kwiStellies ezama ukubambelela endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership.

EzikaSteve Barker zishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 ngempelasonto edlule. I-Orlando Pirates engemuva kwazo ngephuzu elilodwa, ayizange ikusebenzise lokho njengoba nayo ishaywe yiTS Galaxy ngo 1-0.

IBucs izobhekana neSuperSport United e-Orlando Stadium. Kumele iwunqobe lo mdlalo bese ithembe ukuthi iStellies iyaqhuzuka, ukuze iqede endaweni yesibili kwilogi.

IBucs izodlala lo mdlalo ngaphandle kwabadlali basemuva, uTapelo Xoki, olimele, noNkosinathi Sibisi, odonsa isigwebo samakhadi aphuzi amane.

Iqembu elizoqeda endaweni yesibili kwilogi lizodlala kwiCaf Champions League ngesizini ezayo, kanti elizoqeda kweyesithathu lizodlala kwiCaf Confederation Cup

Kuyazicacela ukuthi kuzoyiwa emidlalweni yokugcina kuyoliwa ngoba kuningi okulwelwa amaqembu ngokwehlukana kwawo, phezulu nasemsileni. 

Nokho amehlo azobe ethe njo ezembeni lapho kuzocaca khona ukuthi yiliphi iqembu laKwaZulu-Natal elizoya kule midlalo, phakathi kweRoyal AM neBay.

Kuzokhumbuleka ukuthi ekupheleni kwesizini edlule iMaritzburg United iyona ezithole idlala le midlalo yokuhlunga. Sekungumlando ukuthi yagcina yehlele kwiMotsepe Foundation Championship, futhi ihlulekile ukubuya khona kule sizini.