OwePirates umincele ukuthi bangalimali abadlali bakhe kwi-AFCON
SIHLE NGUBO
Unethemba lokuthi abadlali bakhe bazobuya bengalimele kwi-Africa Cup of Nations (AFCON), umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou.
IBucs ivale unyaka ishayela phezulu kulandela ukunqoba indebe yeCarling Knockout, ngokushaya iMarumo Gallants ngo 1-0 kowamanqamu emasontweni amabili edlule.
Bese kungokwesibili iPirates inqoba indebe kule sizini, kulandela ukuqukula iMTN8 ngasekuqaleni kwesizini.
Ngaphezu kwalokho eZimnyama yizona ezizihola phambili kwilogi yeBetway Premiership, njengoba imidlalo yeligi isamile ngenxa ye-AFCON eqala ngeSonto eMorocco.
U-Ouaddou unakho ukukhathazeka okuncane ngokuthi umgqigqo abebenawo ungase uthikamezeke ngenxa yekhefu le-AFCON.
IPirates inabadlali abayisishiyagalolunye kwiBafana Bafana ezoyibamba kwi-AFCON, okungenye yezinto ekhathaza lo mqeqeshi waseMorocco.
“Ngesinye isikhathi, uma unomgqigqo omuhle bese uba nekhefu elide, uke uzizwe sengathi ungakuvimba lokho,” kusho u-Ouaddou kwiMSW kaRobert Marawa.
“Sesivele siqalile ukusebenza emalungiselweni kaJanuwari, futhi ukukhuluma iqiniso sineqembu elingakwazi ukusibeka lapho sifuna khona.
“Nakanjani into engiyesaba kakhulu abadlali abaseqenjini lesizwe. Sethemba ukuthi bazobuya bengalimele.”
Abadlali bePirates abakwiBafana Bafana uSipho Chaine, uNkosinathi Sibisi, uMbekezeli Mbokazi, uThalente Mbatha, uSipho Mbule, uTshepang Moremi, u-Oswin Appollis, u-Evidence Makgopa noRelebohile Mofokeng.
U-Appollis useke wathinteka ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neGhana emdlalweni wobungani eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoLwesibili.
Nokho lo mdlali kubikwa ukuthi akalimalanga okutheni, futhi uzobe esekulungele ukudlala uma iBafana Bafana seyitholana phezulu ne-Angola emdlalweni wokuvula we-AFCON ngoMsombuluko.
IPirates izobuyela emidlalweni yeBetway Premiership ngokubhekana neSekhukhune United, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoJanuwari 24.

