URamovic uhanjelwe ‘yiSunshine’ yakhe ngokuhamba kukaRulani
SIHLE NGUBO
Ukuhamba kukaRulani Mokwena kwiMamelodi Sundowns kusho ukuphela kwezinsuku zokubiza igama elithi Sunshine kumqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic.
UMokwena uzobe eqeqesha iWydad Athletic Club, yaseMorocco, ngesizini ezayo kulandela ukuqashwa yileli qembu. Ushiye kwiSundowns emasontweni edlule ngemuva kokuvela kwezindana zokuthi bebengasatholani noFlemming Berg, oyiSporting Director yeqembu.
UMokwena noRamovic bebeklwebhana sengathi izingane ezincane ezisuke zibanga isiqeda noma uswidi. Yize into yabo igcine isiyimbi ngokuthi bese befakene enkantolo kodwa nakanjani abalandeli bazokukhumbula ukuchukuluzana nokuklolodelana kwalaba baqeqeshi.
Bafike enkantolo ngokuthi uMokwena wathi uRamovic uyena owayalela abadlali bakhe ukuthi bakeqe uBongani Zungu. Indaba yayiqale ngokuthi uZungu walimaza uBernard Parker ngakho uRamovic wayesethi akuphindiselwe. Akwaziwa ukuthi igcine iphelele kuphi.
Nokho okuzobe kungasekho kwiDStv Premiership ngesizini ezayo ukubizwa kukaRulani ngoSunshine.
“Uma ubuka imali esinayo nokuthi amanye amaqembu anani, ikakhulukazi uSunshine (uRulani) namabutho akhe, kumele ngabe banqoba yonke imidlalo,” kusho uRamovic ngemuva kokuthi bebambane neSundowns koweligi ngesizini edlule.
“Asinayo imali eningi ukusebenzisa u-R200 million njengabo. Sibakhiphe inkani. Besiwuphethe wonke umdlalo.
“Uma befuna ukusishaya futhi mhlawumbe kumele bathenge uMbappe, uRonaldo noma uMessi. Mhlawumbe lapho uyobe enethuba elingcono, uma kungenjalo mhlawumbe kumele ayofunda ezingeni eliphezulu.”
UMokwena wayiphika indaba ka-R200 million futhi wathi akazi nokuthi abadlali bathengwa ngamalini.
“Sikwiligi engazivezi izinombolo. Ngizwa ozakwethu bethi iSundowns isebenzise imali engaka, baze babe nesiqiniseko,” kusho uMokwena ekhuluma kwiPowerFM.
“Ngingumqeqeshi weqembu kodwa angazi kwamina ukuthi iqembu lisebenzise malini. Kodwa kukhona abaqeqeshi abacabanga ukuthi bayazi yimalini iqembu eliyisebenzisile, yikho ngithi kumele sikhulume ngento ephathekayo.”
Kukho konke kuyacaca ukuthi kuphelile ngokudelelana kulaba baqeqeshi njengoba uMokwena esehambile. URamovic uhanjelwe yiSunshine yakhe.