EzakamuvaIbhola

I-PSL isikhiphile isinqumo ngecala leCity neMarumo Gallants

SIHLE NGUBO

IMarumo Gallants ilivumile icala lokudlalisa umdlali ongabhalisiwe ngokufanele, uMonde Mpambaniso, yahlawuliswa kanzima yiPremier Soccer League (PSL).

Ekhipha isigwebo uZola Majavu, ongumshushisi wePSL, uthe izohlawula iGallants kodwa akazange ayiphathe eyokuthi kuzothathwa amaphuzu kuyona njengoba abanye bebelindele.

Indaba ibithinta umdlali uMpambaniso, odlale imidlalo engu-20 yeGallants ngesizini edlule.

Lo mdlali ubedlala kuleli qembu engenayo incwadi emkhululayo ukuthi alidlalele, nokuyinto ayivumile.

Bekulindeleke ukuthi uma iGallants itholakala inecala izothathelwa wonke amaphuzu ewathole ibophele lo mdlali, nokuyinto engenzekanga.

“IMarumo Gallants izohlawuliswa u-R200 000, uhhafu wawo izowukhokha manje bese enye ingxenye ilengiswe ukuthi ingazitholi inecala elifanayo ezinyangeni ezingu-24,” kusho uMajavu.

“Uma bephinda benza into efanayo le mali elengisiwe kuyomele bayikhokhe.

“Baphinde batshelwa ukuthi bakhokhe zonke izindleko zecala kusukela ekuhlaleni kwalo.

“Mayelana nomdlali utholakale engenacala, ngakho ayikho inhlawulo eqondene naye.”

Ekupheleni kwesizini edlule iHighlands Park iphucwe amaphuzu angu-62 kade ibe ngompetha be-ABC Motsepe League eGauteng.

Leli qembu lilahlwe yicala lokudlalisa uFranklin Ogbonna, waseNigeria, engenayo i-visa esemthethweni yokuzofunda eNingizimu Afrika.

IHighlands Park idliwe yizembe yayositha kwi-Ekurhuleni Regional League.