Usenqunyelwe ugwayi katiki uJohnson kwiChiefs
ALFRED NGUBANE
UCavin Johnson, ongumqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs, kuvela ukuthi abaphathi beqembu sebembekele umbandela ngomsebenzi wakhe.
Kuvela ukuthi abaphathi bambizele emhlanganweni ngoMsumbuluko la etshelwe khona emehlweni ukuthi kumele akhuphule amasokisi.
Impempe isithole ukuthi ubekelwe ukuthi aqede engaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi yeDStv Premiership.
“Ubizelwe umhlangano ophuthumayo, wabekelwa lo mbandela ngoba kuyacaca inqola iyahlehla kunokuya phambili kwaphansi kwesandla sakhe.
“Uma engakwenzanga lokho, kuyodingeka avele azishiyele yena, engalindi ukuthi kuze kube abaphathi abamtshelayo ukuthi ahambe,” kusho umthombo.
IChiefs ihamba lukeke kwilogi njengamanje njengoba seyehlele endaweni yesishiyagalombili.
Uma kungenzeka iphinde ihlulwe, ingazithola seyisendaweni ka-13 uma amaqembu angemuva kwayo enqoba.
Leli qembu laseNaturena linamaphuzu angu-30 ngemuva kwemidlalo engu-23, kanti lishiya iRoyal AM esendaweni ka-13 ngamaphuzu amabili kuphela.
Emdlalweni olandelayo ezikaJohnson zizobhekana neRichards Bay ngo-Ephreli 21 emdlalweni ozoba seKing Zwelithini Stadium, eMlaza, eThekwini.
Zizoyifica isemuzweni iRichards Bay njengoba inqobe umdlalo wayo wesine kule sizini ngempelasonto edlule.
FUNDA NALA: Inkakha yeSundowns ivuma ukubanjelwa kwabo kwiSpurs
Leli qembu eselingaphansi komqeqeshi okhula ngamandla, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, lilwela ukuvika izembe.

