EzakamuvaIbhola

Usezonda kwampilo udadewabo kaLuke Fleurs

Udadewabo kaLuke Fleurs, uSydni Fleurs akasayifuni nala ihambe khona imoto ‘ebulalise’ umfowabo. 

ULuke Fleurs, obeneminyaka engu-24, wabulawa ngesonto eledlule ngesikhathi edunwa iimoto egalaji likaphethiloli lakwaShell eConstantia Service Centre eRoodepoort, eGoli. 

Manje udadewabo, uSydni nobeyintombi yakhe, usephumele obala ngobuhlungu ababuzwayo ngemuva kwalesi sehlakalo. 

ULuke, okhulele eMitchells Plain, eCape Flats ngaphambi kokuthuthela eFish Hoek nomndeni wakhe, bebezalwa bebathathu kubo.

Bukungumfowabo omdala uJoshua, bese kuba nguyena elanywa uSyndi. 

USydni ufake isithombe sikaLuke ehlezi kule moto eyiVW Golf 8 GTI kwi-Intsagram yakhe. Ube esesiphelezela ngombhalo okhomba umunyu.

“Ngiyayizonda le moto. Ngiyayizonda le mpilo. Ngizonda yonke into manje,” ubhale kanje uSydni. 

ULuke Fleurs kusolwa ukuthi wadutshulwa ababemduna imoto kulandela ukuqophisana nabo. 

IGolf 8 GTI entsha idayisa u-R669 300 futhi “ingubhuti” we-VW Polo okungenye yezimoto okubikwa ukuthi zintshontshwa kakhulu kuleli.

Lo mdlali webhola wadutshulwa ngomunye wabasolwa abane okusolakala ukuthi babemlandela ngeBMW 1 emhlophe ngesikhathi eya endaweni yokugcwalisa uphethiloli.