EzakamuvaIbhola

Ibambene ngezihluthu eCameroon kubangwa umqeqeshi

Sekuqubuke umsindo omkhulu eCameroon ngokuqokwa komqeqeshi omusha weqembu lesizwe, uMarc Brys, waseBelgium.

Lo mqeqeshi usayine inkontileka yeminyaka emibili kodwa akukho ukuvumelena phakathi komnyango wezemidlalo nomengameli wenhlangano eyengamele ibhola eCameroon, uSamuel Eto’o.

Kuvela ukuthi u-Eto’o akazange aye emcimbini wokusayina ngokusemthethweni kwalo mqeqeshi.

Esitatimendeni esikhishwe ezinsukwini ezedlule, uSamuel Eto’o uzwakalise ukumangala okukhulu ngokuthi iFecafoot ayibanga khona ngesikhathi kusayinwa isivumelwano noMack Brys.

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium, nowayengumdlali akakaze aqeqeshe iqembu lesizwe emlandweni wakhe.

ECameroon uhulumeni uyena okhokhela umqeqeshi weqembu lesizwe. 

Nokho ngokwemithetho yeFifa, iFecafoot nongqongqoshe wezemidlalo kumele basayine bobabili uma kuqashwa umqeqeshi weqembu lesizwe.

Kuvela ukuthi uSamuel Eto’o ubhale incwadi echaza ukuthi ngeke aphumelele emcimbini wokusayina kwalo mqeqeshi ngoba ulungiselela ukufihla uyise ngempelasonto.

Abazazi zonke bathi bazi kahle ukuthi u-Eto’o ngeke ayivume indaba yalo mqeqeshi, uzofuna kukhethwe omunye.

Kuvela ukuthi u-Eto’o ubefuna kuqokwe oyedwa phakathi kukaHerve Renard, waseFrance, uJose Peseiro wasPortugal noFabio Cannavaro wase-Italy.

I-Indomitable Lions ilungiselela ukubhekana neCape Verde emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoJuni 7. Akwaziwa ukuthi leli qembu lizobe liholwa ubani.

Ayinamqeqeshi nje kulandela ukuthi kuchithwe inkakha yakhona eCameroon uRigobert Song obekunguyena umqeqeshi.

Umhlulile ke nokho umsebenzi uSong njengoba ebenokuxabana njalo nabadlali ikakhulukazi unozinti u-Andre Onana.