Zivuka ogqokweni izinkinga kuKhama Billiat eZimbabwe
UKhama Billiat, obegijima kwiKaizer Chiefs kule minyaka emihlanu edlule, usephinde waphazamiseka eqenjini lakhe elisha eZimbabwe.
Ngemuva kwezinyanga ezicishe zibe yisishiyagalombili engadlali ebholeni elikhokhelayo kulandela ukushiya kwakhe iChiefs, uBilliat ujoyine iYadah FC.
Yize esedlale imidlalo emihlanu kuleli qembu selokhu efikile, ulimale kabi ngesikhathi bebhekene noSimba Bhora muva nje.
Lokhu kuthiwa kuzomenza ahlale amasonto ambalwa engadlali. Lokhu kulimala kwenzeke ekuqaleni komdlalo.
Ukulimala ke vele bekuyimpilo yakhe ngesikhathi eseNaturena kanti kusolakala ukuthi kukhona okungalapheki.
Yingakho iZamalek yase-Egypt yagcina iqoke ukusijika isinqumo sayo sokumsayina kulandela ukumhlola isikhashana.
Isikhala sakhe siyakhalisa ke kwiYadah eliungiselela umdlalo wayo ne-TelOne koweligi yaseZimbabwe.
IYadah FC, ehlezi emsileni kwilogi yeCastle Lager Premiership isanamaphuzu amabili kuphela ngemuva kwemidlalo emihlanu.
Kule midlalo emihlanu isadlale ngokulingana kwemibili, yahlulwa kwemithathu yize bekunyuke amathemba okwenza kangcono kulandela ukufika kukaBilliat.
Ephawula ngokulimala kukaBilliat, umqeqeshi weYadah, uThomas Ruzive, uzwakalise ukuphoxeka kwakhe ngokuphazamiseka kwezinhlelo.
Nokho usanethemba lokuthi abanye abadlali bazovuka bazithathe noma uBilliat engekho.
“Kubuhlungu kakhulu kithina ngoba ngeke sikwazi ukuhlala amasonto amabili ngaphandle komdlali wethu omqoka,” kusho uRuzive.
“Wonke umuntu uyazi ukuthi ulethani eqenjini, kodwa ukulimala kuyingxenye yalo mdlalo.
“Ngikholwa wukuthi sinabo abadlali abangasivala leso sikhala. Besidlala kahle, kodwa imiphumela esiyitholayo ayikhombisi ngempela ukusebenza kwethu.
FUNDA NALA: Iphume ngembobo yenaliti iDowns kuMaTuks
“Ngicabanga yinto edinga isikhathi ngaphambi kokuthi siqale ukuthola imiphumela esiyifunayo.”

