INedbank Cup: I-PSL iwubeke ngosuku olubi oweDowns neSekhukhune
SIHLE NGUBO
I-Premier Soccer League (PSL) seyiphinde yayigila iMamelodi Sundowns ngokuhlela ukuthi idlale umdlalo we-quarterfinal yeNedbank Cup neSekhukhune United ngoLwesihlanu ebusuku.
Lo mdlalo wahlehliswa kanti eminye yama-quarterfinal seyadlalwa kwaze kwaqhathwa namaqembu azodlala kweyandulela owamanqamu.
Iqembu elizonqoba phakathi kweSundowns neSekhukhune lizobhekana neKaizer Chiefs kowandulela owamanqamu.
Komunye umdlalo owandulela owamanqamu kuzobhekana i-Orlando Pirates neMarumo Gallants.
Inkinga ebhekene neSundowns ukuthi abadlali bayo abayisishiyagalolunye bebeseqenjini lesizwe iBafana Bafana njengoba bekudlalwa imidlalo yokuhlunga yeNdebe yoMhlaba.
IBafana ishaye iBennin ngo 2-0 e-Ivory Coast ngoLwesibili ebusuku. Iqembu lesizwe lizoze libuyele kuleli ngoLwesithathu ntambama noma ngoLwesine.
Lokhu kushiya iSundowns nosuku olulodwa kuphela ukuthi ilungiselele umdlalo ezowudlala neBabina Noko engenabadlali abaningi kwiBafana.
Sekuke kwaba khona ukukhononda kwabeSundowns ngokuthothaniswa kwemidlalo yabo njengoba idlala nakwiCaf Champions League.
Akukho ukuphumula kuBafana Ba’Style njengoba ngo-Ephreli 1 bezobhekana ne-ES Tunis yaseTunisia emdlalweni we-quarterfinal yeChampions League.
Umdlalo ohlehlisiwe ebizowudlala neStellenbosch FC ngo-Ephreli 5.

