Ukhala ngokuba namabhadi kweqembu umqeqeshi weChiefs
SIHLE NGUBO
Usale engenawo amazwi umqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youseff, ngemuva kokuthi iqembu lakhe lihlulekile ukushaya iTS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership, eMbombela Stadium, ngeSonto.
Amakhosi akhe inqwaba yamathuba kulo mdlalo wokuvala unyaka, kodwa ehluleka ukushaya amagoli, umdlalo waphela ngo 0-0.
Kuthe noma umgadli uFlavio da Silva eselibeke phakathi elicacile igoli kodwa onompempe bathi bese kune-offside.
Bese kungokwesibili esikhathini esiyisonto iChiefs idlala ngokulingana emdlalweni weBetway Premiership.
NgoLwesibili izame kwangalunga ukushaya amagoli, yagcina ibambane neChippa United ngo 0-0 eGqeberha.
Konke lokhu kufaka ingcindezi enkulu kubaqeqeshi ababambile, uBen Youssef noCedric Kaze.
“Bekuwumdlalo omuhle, sixhumana. Ngicabanga ukuthi abalandeli bethu bawujabulele,” kusho uBen Youssef ngemuva komdlalo.
“Ngebhadi asibanga nayo inhlanhla yokunqoba, ngoba uma ubuka izinombolo bekumele sinqobe.
“Sishaye igoli elihle, ngowami umbono yigoli elihle kakhulu. Sakhe amathuba angaphezulu kuka-12 noma 13.
“Sishaye ibhola laqonda epalini kawu-26 kodwa ekugcineni kumele siqhubeke nokusebenza.
“Angifuni ukulokhu ngiphinda ukuthi asinayo inhlanhla kodwa manje sinekhefu lokulungisa amaphutha ethu, bese siqhubeka nokuba ngcono.
“Ngiyaziqhenya ngabadlali. Badlale kahle kakhulu. Ngiyaziqhenya ngabo bonke kumbandakanya nabasuke ebhentshini. Kodwa yibhola ke lelo.”
Emdlalweni wangeSonto iRockets iqede ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaNhlanhla Mgaga obesethola elesibili eliphuzi.
IChiefs izobhekana neLamontville Golden Arrows emdlalweni weBetway Premiership olandelayo, eFNB Stadium, ngoJanuwari 20.
Okwamanje wonke amehlo azothi njo kwiCAF Africa Cup of Nations (AFCON), eqala ngoDisemba 21 eMorocco.
IBafana Bafana izovula le midlalo ngokubhekana ne-Angola ngoDisemba 22, bese ilandelisa nge-Egypt ngoDisemba 26, iyivale ngeZimbabwe ngoDisemba 29.

