IPirates ibhala iyacisha ngomdlali ogaqelwe yiSekhukhune
I-Orlando Pirates ingase ithathe isinqumo esingeke sizwakale kubalandeli bayo ngomunye wabadlali abayizintandokazi ekupheleni kwesizini.
Kuvela ukuthi amaBhakabhaka acabanga ukudayisa uFortune Makaringe njengoba kungathi ijezi usekude ukulithola eqenjini likaJose Riveiro.
Ugcine ukudlala ngaphambi kwekhefu likaKhisimuzi ngesikhathi kungekho mdlali wasemuva kwesokudla eqenjini.
Bekuvalwe ngaye isikhala kule ndawo njengoba bobabili oThabiso Monyane noBandile Shandu bebelimele.
IPirates ibe seyilanda uThabiso Lebitso kwiChippa United ngoJanuwari, kwabuya noMonyane ekulimaleni, labuya icishe lemidlalo kuMakaringe.
Manje sekuvela ukuthi lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-30 kungenzeka yisizini yakhe yokugcina lena kwiBucs.
Kule sizini iseyishumi kuphela imidlalo ayitholile kwiPirates, kanti ingu-147 seyiyonke kusukela afika kuleli qembu esuka kwiMaritzburg United ngo-2019.
Inkontileka anayo njengamanje kwiBucs iyaphela ngoJuni, kodwa kunombandela wokwelula.
Sekuvele ke kunamaqembu amabili, iSekhukhune United nePolokwane City okuvela ukuthi engagxuma ahlale uma kuwukuthi uyakhululwa kweZimnyama.
“Bona (abaphathi be-Orlando Pirates) sebeyazi ukuthi akhona amakilabhu afuna uMakaringe futhi akuwona amabili nje kuphela (iSekhukhune nePolokwane City),” kusho umthombo utshela kwiCitizen.
“Bayazizwa lezi zinto futhi abantu bahlale bekhuluma. Ngicabanga ukuthi kunjalo kubantu abaningi…
“Uma umdlali engadlali kakhulu bacabanga ukuthi uyalishiya iqembu futhi bafuna ukubuza ngomsebenzi wakhe.
“Kodwa, azikho izingxoxo ezisemthethweni ngoMakaringe, usengumdlali wePirates,” kusho umthombo.
“Ngicabanga ukuthi lawa maqembu amfunayo kufanele avele enze isicelo esisemthethweni bese iqembu linquma ukuthi lisamdinga noma cha.
FUNDA NALA: Usethole omunye umsebenzi obegaqelwe yiChiefs
“Okunye wukuthi konke kuncike kumdlali ngoba unenkontileka neqembu.” .