UKlopp usola iMan United ‘ngokukhubaza’ iLiverpool
Umqeqeshi weLiverpool, uJurgen Klopp useveze ukuthi izinkkinga zeqembu lakhe zaqala ngesikhathi beshaywa yiManchester United emdlalweni wendebe muva nje.
ILiverpool yashaywa ngo 4-3 kungazelele munut kulo mdlalo weFA Cup emasontweni ambalwa edlule.
Leli qembu lalikwenze konke okufanele futhi lakhahlelela ipali amahlandla angu-25, kodwa ekugcineni langcwatshwa yigoli lika-Amado Diallo alishaya esikhathini esengeziwe.
Ukusuka lapho ezikaKlopp zidlale ngokulingana ngo 2-2 nayo iManchester United emdlalweni weligi, zabe sezithola induku ka 3-0 kwi-Atalanta kwi-Uefa Europa League.
Ngempelasonto amathemba okudla isicoco se-English Premier League athe ukwehla iLiverpool ishaywa yiCrystal Palace.
Bekubhekwe ukuthi uKlopp engavala isahluko sakhe kuleli qembu ngokudla izicoco ezintathu njengoba esevele eneseCarabrao Cup emgodleni wakhe kule sizini okungeyokugcina ekuleli qembu.
Kodwa manje amathuba kwi-Europa League nakwi-EPL abukeka esemfifa yize kusangenzeka noma yini.
“Ngicabanga ukuthi inkinga kube yindlela esabhekana nayo nemidlalo ye(Manchester) United,” usho kanje kwabezindaba.
“Sahlulwa kowendebe futhi lokho kwasishaqisa kakhulu ngoba sasidlale kahle kakhulu kulowo mdlalo, kodwa sagcina sihluliwe.
“Saphinde sadlala ngokulingana koweligi yize nakhona sasidlale kahle kakhulu isikhathi eside – kodwa sagcina sidlala ngokulingana.
“Kodwa lokho akusona isizathu (sokuhlulwa) namuhla. Yinto eyenzeke kudala, kodwa ubuze ngamasonto ambalwa edlule.
“Izinselelo ebesinazo namuhla nesasinazo kowe-United azifani kodwa nanamuhla sidedele amagoli alula.
“Kungenzeka ukuthi sinenkinga enjalo, lokho yiqiniso esingeke silibalekele,” kusho uKlopp.
FUNDA NALA: Uxoshiwe umhlaziyi osolwa ngokucwasa oweBarca
Lo mqeqeshi usevele ukumemezele ukuthi ngeke esayivuselela inkontileka yakhe kuleli qembu uma iphela ngoJuni.