Uxoshiwe umhlaziyi osolwa ngokucwasa oweBarca
Isiteshi sikamabonakude saseSpain iMovistar Plus+ simemezele ukuthi ngeke sisasebenzisana nomhlaziyi uGermán Burgos, kulandela ukuphawula okuyindelelo akusho ngesihlabani seBarcelona eneminyaka engu-16 uLamine Yamal.
UBurgos, odabuka e-Argentina, uke waba ngunozinti waphinde waba yiphini lomqeqeshi kwi-Atlético Madrid edlala kwiLa Liga khona eSpain.
Ngesikhathi somdlalo womlenze wokuqala we-quarterfinal ye-Uefa Champions League phakathi kweBarcelona neParis Saint-Germain, uBurgos ukhulume amazwi alumelayo ngalo mdlali.
Ngemuva kokubona isiqeshana sevidiyo la uLamal ebezitekela khona ibhola, uBurgos uthe uma kungcina kungamlungeli ebholeni, engaya kocela imali emarobhothini ngokuteka khona ibbhola.
ESpain nasemazweni aseLatin America, kuvamile ukubona abantu benza beteka ibhola noma bethengisa izinto emarobhothini ukuze bathole imali.
Yize engowase-Argentina, uBurgos usehlale isikhathi eside eSpain wake waba ngumdlali eqenjini lesizwe lase-Argentina.
Ukuphawula kwakhe kwagxekwa kakhulu njengokuthi “kunocwasa “nobandlululo” ngabahlaziyi eSpain.
Lokhu kuholele ekutheni abadlali beBarcelona nePSG badube ukukhuluma neMovistar Plus+ ngemuva komdlalo.
Iziphendulelaa, iMovistar Plus+ ikhiphe isitatimende iqinisekisa inqubomgomo yayo yokungabekezeleli lutho ekuziphatheni okubandlululayo.
Iveze nokuthi ubudlelwano bayo noGermán Burgos buphelile. Abethuli bohlelo lapho kuphawulwe khona kanje bona bazothola isexwayiso.
UBurgos naye ukhiphe isixoliso kwi-Instagram, wathi inhloso yakhe kwakungekona ukweya uYamal noma ukumcwasa ngokusekelwe kobuzwe noma isigaba senhlalo.
Uzwakalise ukuthakasela ithalente lebhola elisebancane futhi wagcizelela amandla ebhola ahlanganisayo, waphinde waxolisa kunoma ngubani ophatheke kabi ngamazwi akhe.
FUNDA NALA: UManqele ukhomba abasola ngesimo seChiefs
I-Movistar Plus+ iphinde yakhipha isixoliso somphakathi, igxeka noma yiluphi uhlobo lokucwasa futhi yathembisa ukuthatha izinyathelo zokuvimbela izigameko ezinjena ukuthi zingaphindeki.