UZungu ubhekene noxamu ongavinjelwa kuJordaan kweseSAFA
SIHLE NGUBO
Yize abalandeli bebhola abaningi baseNingizimu Afrika befuna uSandile Zungu, ongumengameli waMaZulu FC, kube uyena odla umhlanganiso okhethweni lweSAFA, kodwa mancane amathuba okuthi kwenzeke lokho.
NgoMgqibelo kuzokhethwa ubuholi obusha beSAFA, kanti kwesobumengameli kubanga uZungu noDanny Jordaan, osebe umengameli wale nhlangano yebhola kusukela ngo-2013.
UZungu uzoya kulolu khetho esekwa izifunda ezingu-12 kuphela kwezingu-52, kanti ezingu-36 zihamba noJordaan, ngokusho komthombo ongaphakathi kwiSAFA.
Kuvela ukuthi uJordaan ubefuna ukwesula ngaphambi kokhetho kodwa wanxenxwa ukuthi aphinde alungenele ukuze uZungu anganqobi nangengozi.
Kuthiwa abanamandla abangaphakathi kusoseshini, babona uZungu ezozama ukuphatha ibhola laseNingizimu Afrika nabanye abangaphandle kwale nhlangano, okuyinto abangayifuni.
Kukholakala ukuthi uJordaan uzongenela kuphela ukuvimba uZungu futhi uzokwesula ngemuva kokhetho, adedele uLinda Zwane, ongomunye wamaphini amane kamengameli, ozobe esethatha isikhundla sobumengameli ngaphandle kokubhekana nomuntu ongaphandle kukasoseshini.
Kuba namavoti angu-265 enziwa ngokuvota okuyimfihlo. Izifunda ezingu-52 zinamavoti angu-208 njengoba sisinye siba nabantu abane abavotayo.
I-National Executive Committee (NEC) iza namavoti angu-41, bese kuthi amanye kube awamalungu nje neligi.
Ngokomthombo uJordaan uzothola amavoti angu-144 avela ezifundeni ezingu-36, okungamaningi kakhulu kunawaZungu angu-48.
UJordaan, osehole iSAFA iminyaka engu-13, usanda kuhlanganisa iminyaka engu-75 ngoSepthemba 3.
Izinto azibukeki zivuna uZungu njengoba neSAFA Ethekwini iveze ukuthi ayihambisani naye, izovotela uJordaan.
ISAFA igubezelwe yinkohlakalo njengoba uJordaan esagqigqa icala lokukhwabanisa imali, alihamba ngemuva kokuthola ibheyili.
Muva nje ungqongqoshe weZemidlalo uBuciko namaGugu kuzwelonke, uGayton McKenzie, uveze ukuthi ufuna iSAFA ibuyise imali yeVAR ayinika yona, elinganiselwa ku-R13 million.
UMcKenzie ukhala ngokuthi wayikhipha imali yeVAR kodwa iSAFA ayikaluqalisi lolu hlelo, oselusetshenziswa umhlaba wonke ukusiza onompempe ukuthatha izinqumo ezifanele emidlalweni.
Ngaphezu kwalokho kusanda kuvela ukuthi abadlali beBafana Bafana abakakhokhelwa amabhonasi abo eNdebe yoMhlaba ka-2026, ebibanjelwe eCanada, eMexico nase-USA.
Umqeqeshi omusha weBafana Bafana, uPitso Mosimane, umemezele iqembu elizodlala imidlalo yokuhlunga ye-AFCON ngeledlule. Kulindeleke ukuthi alinciphise leli qembu ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.
IBafana Bafana izobhekana neGuinea emdlalweni wokuhlunga we-AFCON ngoSepthemba 26.

