UManqele ukhomba abasola ngesimo seChiefs
SIHLE NGUBO
Uwukhomba kubadlali beKaizer Chiefs umunwe owayengumgadli wayo u-Edward Manqele.
Le ngwazi ikholwa wukuthi inkinga yeChiefs ayikho kubaqeqeshi kodwa abadlali bayo kumele babhukule, bazimisele.
IChiefs akuyihambeli kahle futhi sekunesikhathi eside kakhulu yagcina ukujabulisa abalandeli bayo ngokuqukula indebe.
“Angisazi ngempela ukuthi kumele ngithini manje ngalokhu okwenzeka kwiChiefs kulezi zinsuku,” kusho uManqele owake wayibamba nakwiMamelodi Sundowns.
“Imiphumela ayifanele iqembu elifana neKaizer Chiefs. Ngeke silokhu sigxeka abaqeqeshi ngaso sonke isikhathi.”
Emidlalweni emibili edlule yeDStv Premiership iChiefs ishaywe yiStellenbosch FC ngo 1-0, kwathi komunye yashaywa yiChippa United ngo 2-0.
KwiNedbank Cup Amakhosi asheshe aliwasha ijezi njengoba eshaywe yiMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
“Nabo abadlali kumele bazinuke amakhwapha ngendlela abenza ngayo izinto,” kuqhuba uManqele.
“Ngichaza ukuthi bayakhokhelwa ngakho kumele bazimisele. Akukho nje okunye.
“Akumele ujabulele ukuthi uyawuthola umholo wakho ekupheleni kwenyanga kodwa kungacaci ukuthi wenzani.
“Abukho ubulungiswa kumqeqeshi ngalokho neqembu nje lonke. Sekuyisikhathi sokuthi abadlali beChiefs babhukule bakhombise ukuthi bamele iqembu elikhulu.
“Asiyekeni manje ukulokhu sigxekana nabaqeqeshi.”
IChiefs kulindeleke yenze ushintsho ekupheleni kwesizini okuzosho ukuqasha umqeqeshi omusha.
Phakathi kwabaqeqeshi abamataniswa neChiefs kukhona uPitso Mosimane noManqoba Mngqithi, oyiphini lomqeqeshi kwiSundowns.
FUNDA NALA:Â Yithuba lokuthi u-Eva Nga abonise ayekusho ngePirates
Emdlalweni olandelayo – okulindeleke ajike ngawo izinto – Amakhosi azobhekana neRichards Bay esempini yokuvika izembe ngeSonto ntambama.