“Ngehlelwe isisindo esiningi namuhla,” kusho owamaProteas ngemuva koweNdebe yoMhlaba yeT20
SIHLE NGUBO
Uncokole ngokuthi kuvele kwehla isisindo ngokuphazima kweso umshwini weNingizimu Afrika, uLungi Ngidi, ngemuva kokuthi kube negidigidi emdlalweni abagcine bewunqobe ngemuva kwama-Super Over amabili, bebhekene ne-Afghanistan , eNarendra Modi Stadium, e-Ahmedabad, e-India, ngoLwesithathu.
AmaProteas aputshuluke sekuvalwe amehlo kulo mdlalo wesibili weNdebe yoMhlaba yeT20, ese-India naseSri Lanka, yize bekumele ungafiki kwiSuper Over.
Iphutha elikhulu lenziwe umshwibi othenjwayo weNingizimu Afrika, uKagiso Rabada, kwi-over yokugcina ngci yomdlalo.
AmaProteas abedinga iwikhethi eyodwa ukuze agoqe umdlalo, wayithola uRabada kodwa kwasho ukuthi unyawo lwakhe belweqe kakhulu umugqa (no ball) ngesikhathi eshwiba.
Uphindile uRabada wenza iphutha elifanayo nokuholele ukuthi umdlalo uphele zilingana, kwayiwa kwiSuper Over.
Kweyokuqala kubhethe i-Afghanistan yenza ama-run angu-17, kushwiba uNgidi, obekusho ukuthi iNingizimu Afrika ibisidinga angu-18 ukuze inqobe umdlalo.
Kuphinde kwaba yinto efanayo amaProteas ethola ama-run angu-17 emabholeni ayisithupha, kwaphoqa ukuthi kube ne-Super Over yesibili.
Kulokhu kubhethe iNingizimu Afrika kuqala, yenza ama-run angu-23, kukhona uTristan Stubbs noDavid Miller.
I-Afghanistan ihlulekile ukwenza lama run, sekushwiba uKeshiv Maharaj, yanqoba kanjalo iNingizimu Afrika.
UNgidi, oqokwe njengomdlali wosuku ngemuva yokuthatha amawikhethi amathathu kulo mdlalo, uthe bese bebambe umoya ngokweqile.
“Ngehlelwe isisindo esiningi namuhla. Angikaze ngibambe umoya kanje empilweni yami emdlalweni wekhilikithi,” kusho uNgidi osenamawikhethi ayisikhombisa emidlalweni emibili yeNdebe yoMhlaba ka-2026.
“Ngiyajabula ukuthi ngiseqenjini elinqobile. Bengazi ukuthi kungase kukhethwe mina (ukushwiba kwiSuper Over).
“Ukaputeni uthe qhubeka nokwenza lokhu obukwenza. (Emdlalweni) ngizenzele phansi kwi-over yokuqala ngoba besinohlelo lokuthi sifuna ukwenzani.
“Nokho ngibuyele kulokhu ebengilokhu nokwenza ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, kuma-over alandelile.”
INingizimu Afrika iyona ebhethe kuqala yahlanganisa ama-run angu-187/6 kuma-over angu-20.
Kudlale kahle uRyan Rickelton (61), uQuinto de Kock (59), uDewald Brevis (23) noDavid Miller (20*)
Ngasohlangothini lwe-Afghanistan kushwibe kahle u-Azmat, othathe amawikhethi amathathu, uRashid, othathe amabili noFazalhaq othathe yayinye.
Kwi-innings yesibili bekubhoke uGurbaz,owenze ama-run angu-84, walekelelwa u-Azmat (22) noRashid (20).
URabada, uMaharaj noGeorge Linde, bathathe iwikhethi eyodwa emunye, belekelela uNgidi othathe amathathu.
Emdlalweni olandelayo iNingizimu Afrika izobhekana neNew Zealand enkundleni efanayo, ngoMgqibelo.

