UMokwena ukhala ngeVAR esebenza kwiDowns kuphela
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uzwakalise ukuphoxeka okukhulu ngonompempe ngemuva komdlalo obushubile weDStv Premiership neMoroka Swallows ngoMsombuluko ebusuku.
Lo mdlalo ubuseDobsonville Stadium, kanti uphele zibambene ngo 2-2.
KwiSundowns, uTeboho Mokoena noMarcelo Allende yibona abashaye igoli esiwombeni ngasinye. KwiSwallows kube u-Augustine Mahlonoko noGabadinho Mhango abavalela phakathi amagoli esiwombeni sesibili.
Phezu kokuba beqhubekile nokungahlulwa kule sizini, futhi sebeqokelele amaphuzu angu-53, uMokwena uzwakalise ukukhathazeka ngonompempe.
UMokwena ugxeke kakhulu unompempe uJelly Chavani ngezinqumo zakhe zokuqinisekisa amagoli amabili eSwallows uMokwena akholwa wukuthi abengafanele avunywe.
Lo mqeqeshi ukholwa wukuthi abadlali beSwallows bawashaye sebesendaweni engabafanele lamagoli abo.
“Angidingi ukuthi ngicele incazelo (ngezinqumo zonompempe) ngoba sekungokwesithathu kule sizini kuba ‘neVAR’ emidlalweni weSundowns.
“Womabili amagoli eSwallows ashaywe abantu abebesendaweni engabafanele (off side),” kusho uMokwena kwabezindaba.
“Ngayifundisisa imithetho yalo mdlalo, izicucu zami akuzona ezokudlala. Ngaya esikoleni esifundisa ukuqeqesha.
“Ungangibuza nganoma yimiphi imithetho yebhola. Ngiyayazi imithetho ngoba ingezinye zezinto ezibalulekile ngaphambi kokuthi uqeqeshe.”
Uthe izinqumo ezifana nalezi zehlisa isithunzi sebhola laseNingizimu Afrika.
“Kukabili: Ngabe lokhu kuchazani ngebhola laseNingizimu Afrika? Emhlabeni jikelele?
“Nginabantu bangaphandle ababuka yonke imidlalo yeMamelodi Sundowns, ucabanga ukuthi bacabangani ngebhola lakuleli uma kunje?
“Yileyo into ephezulu. Akungoba kungami. Ibhola lizoqhubeka noma ngabe angisekho mina, kodwa kwenzakalani esithunzini sebhola laseNingizimu Afrika?
“Njalo kuhlezi kunomqeqeshi ozokhala ngonompempe. U-Ernst Middendorp ubekhala… “Sengizwelana naMaZulu FC, ngizwelana nePolokwane City, ngizwelana neCape Town Spurs…
“Ngizwelana namaqembu asezansi ngoba manje thina sesiphisana ngamaphuzu ngenxa yonompempe.
“Angibalulekile ukudlula ibhola, angibalulekile njengamanye amaqembu ngoba wona alwela ukuzihlenga ezembeni.
“Kuzokwenzeka iRichards Bay idliwe yizembe ngenxa yephuzu elilodwa bes ekuxoshwa umqeqeshi wayo.
“Ayilungile lento. Uyabona sibhekephi? Umqeqeshi waMaZulu (uPablo Martin) ubekhala, ngiyamzwela.
“Mina ngeke ngikhale. Ngizokhuluma nje iqiniso linjalo. Okokuqala ngqa, ngizokhuluma.
“Angikaze ngikhulume ngonompempe selokhu kuqale isizini. Kulokhu ngizokhuluma ngoba akubanga yiphutha, amabomu.
“Umsizi kanompempe uphakamise iduku, ebona kungafanele libalwe igoli.
“Babe sebeba nomhlangano, babonisana ngani? Ubani lo uJelly abembuza? Uye kumsizi wakhe, wama eduze kwakhe waqala wakhuluma.
FUNDA NALA: UJomo akanankinga nonombolo 10 weBucs, akamboni omfanele
“Ubekhuluma nobani? SesineVAR na eNingizimu Afrika esithubeni nje?”