EzakamuvaIbhola

Kuphenduleka umbuzo ngoJohnson kwiChiefs

Ngemuva kokuthi iKaizer Chiefs iqinisekisile ukuthi izobe inethimba elisha labaqeqeahi ngesizini ezayo, umbuzo osale ungaphendulekanga owokuthi ngabe kuzokwenzakalani ngoCavin Johnson.

Lo mqeqeshi nguye osematomini njengamanje kwiChiefs njengoba eqashwe nyakenye ukuzovala isikhala isikhashana. 

Cishe yayikhona ke inhlansana yethemba kubaphathi ukuthi uzowenza kahle lo msebenzi, bese singabi khona isidingo sokufuna omunye umqeqeshi.

Nokho akuhambanga kanjalo njengoba izinto zisabheda nje nangaphansi kukaJohnson, kumanje iqembu lilwela ukuqeda lingaphakathi kwiTop 8. 

Impempe isingakuveza ukuthi abaphathi sebesithathile isinqumo ngoJohnson njengoba seyithoel ukuthi uzobuyela esikhundleni sakhe sakudala.

Ngaphambi kokuba wumqeqeshi, uJohnson ubeyinhloko yezokuqeqesha nezinkulisa zeqembu. 

Yize kunezinkonondo eziqinile ngaye, kuvela nokuthi abaphathi banqume ukumyeka aze ayiqede le sizini. 

Kuzoba nzima ke nokho kuye ngoba abalandeli sebeqalile ukuveza ukungeneliseki kwabo ngokuthi bajikijele izinto enkundleni uma behluliwe. 

Bese kuke kwavela ukuthi abalandeli sebenokuzisola ngokusheshe balahle ithawula ngo-Arthur Zwane futhi bafisa kubuye yena azoqedela le sizini. 

UZwane uxoshwe ekupheleni kwesizini edlule, kwabe sekuqashwa uMolefi Ntseki yena wabuyiselwa ekubeni yiphini lo mqeqeshi.