Kuvela okuhlelwa yiPirates ‘ngonyiwa yis’kimu’
I-Orlando Pirates kubikwa ukuthi isezinhlelweni zokuthatha isinqumo esibalulekile mayelana nekusasa lomdlali osemncane, u-Azola Matrose.
Lo mdlali odlala esiswini ohlaselayo, oneminyaka engu-21, futhi odabuka eGqeberha, ujoyine iPirates esuka kwiChippa United ngoJulayi ka-2022.
Nokho ubolekiswe kuyo iChippa ngesizini ka-2022/23 yeDStv Premiership.
Yize ebuyele kumaBhakabhaka ekuqaleni kwale sizini, uMatrose udonsa ukuthola kunzima ukungena eqenjini eliqala imidlalo.
Esikhundleni sokuthi anikwe ithuba eqenjini elikhulu, uMatrose usebuyiselwe ekudlaleni eqenjini leDStv Diski Challenge.
Ngokombiko wabePhakaaathi, iPirates icabanga ukuphinde ibolekise ngaye kuyo iChippa United.
Izingxoxo seziqalile, futhi kubikwa ukuthi uMatrose uyavumelana nalo mbono njengoba phambilini ubekujabulela ukudlala kwiChippa.
Umthombo uveze ukuthi ukudlala ngendlela eqinile kwiChippa kungase kuvule indlela yokuthi uMatrose abuyiselwe kwiPirates eseqine ngewindi likaJanuwari.
Omunye umdlali iPirates engase imdudulele kwiChippa ngunozinti uRichard Ofori okuthiwa ifuna ukushintshanisa ngaye ukuze ithole uStanley Nwabali.
URichard Ofori, oselizwa ngendaba ijezi kwiPirates, kuthiwa ufuna ukuya kwenye indawo ukuze athole ukudlala njalo.
Ngakolunye uhlangothi unozinti weChippa, uStanley Nwabali, uhehe abalandeli kulandela ukwenza kahle eNigeria kwi-Africa Cup of Nations ekuqaleni konyaka.
FUNDA NALA: Okusha ngemidlalo eyandulela owamanqamu kwiNedbank Cup
Yize iKaizer Chiefs nePirates kubikwa ukuthi bebegaqele uNwabali ngewindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari, kodwa abaphumelelanga.