EzakamuvaiDStv Premiership

USeema ubalekela ihaba ngokhulele kwiChiefs

Umqeqeshi weSekhukhune United, uLehlohonolo Seema, akafunanga ukuqhakambisa ukudlala okokuqala eqenjini lakhe komgadli uKeletso Sifama. 

Lo mgadli obegijima kwiKaizer Chiefs phambilini ungene esiwombeni sesibili endaweni kakaputeni uLinda Mntambo. 

Lo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium, la iSekhukhune beyibhekene khona neStellenbosch FC, uphele zibambene ngo 1-1. 

USifama, oneminyaka engu-21, usayine kwiSekhukhune ngoSepthemba odlule ngemuva kokushiya iKaizer Chiefs akhulele kuyo. 

Ukuthole kunzima ukungena eqenjini eliqala imidlalo kwiChiefs kulandela ukukhushulelwa eqenjini elikhulu.

Udlale imidlalo emithathu kuphela kwiChiefs, wabolekiswa kwiMaritzburg United la edlale khona emihlanu ezingeni leDStv Premiership. 

USifama uphinde wahlala isikhashana kwiPretoria Callies neCasric Stars kwiMotsepe Foundation Championship.

Kodwa manje usethole ithuba elisha lokudlala esigabeni esiphezulu ngaphansi kukaSeema. 

“Angazi ukuthi bewukuphi, lo mfana ubelokhu edlala nje futhi uze washaya igoli ngesonto elidlule kwiDDC (DStv Diski Challenge). 

“Ngakho uma uthi sekunesikhathi agcina ukudlala angazi usho kuphi,” usho kanje uSeema ebuzwa ngalo mdlali ngoLwesithathu. 

“Mhlawumbe asiwujike lo mbuzo wakho. Ubelokhu ekhona eqenjini lethu leDDC futhi ungomunye wabenza kahle esesibakhuphulele eqenjini elikhulu.”