Inkakha yeSwallows ibalisa ngokuthi ingase ishabalale
SIHLE NGUBO
UCalvin “Mkhonto kaShaka” Petersen, oyinkakha engathandabuzwa yeMoroka Swallows, uthi uzwa iminjunju ngokuthi leli qembu lingase lishabalele futhi.
UPeterson ukhuluma kanjena nje yingoba sekuvele ukuthi iZinyoni zaseDube zithengwe yiMarumo Gallants, nokuchaza ukuthi zizoshintshwa igama ziphinde zithuthele eBloemfontein.
Ukudayiswa kweSwallows kulindeleke ukuthi kuqinisekiswe yiPremier Soccer League (PSL) maduze kodwa kuvela ukuthi abaphathi beGallants sebeqede konke ngokuthenga isitifiketi seSwallows, ukuze iqembu labo lidlale kwiDStv Premiership.
UPetersen uthe yizindaba ezimbi kakhulu lezi kuyena.
“Okokuqala nje yinto ebengingayazi leyo, engiyiqabuka ngawe njengoba uyisho,” kusho le nkakha.
“Uma kuyiqiniso lokho kusho ukuthi usuku olumnyama ebholeni laseNingizimu Afrika. Kubuhlungu ukuthi iqembu elineminyaka engaphezulu kuka-80 lingase lizithole lingasekho nhlobo esikhathini esizayo.
“Inkinga enkulu esibhekene nayo ukuthi abantu abaphethe amaqembu ebhola abasenakho lokhu okusuka enhliziyweni ngawo. Sekuba wukuthi umuntu unemali, uthenga iqembu bese ashintshe igama, kuphele kanjalo.”
Abalandeli beZinyoni sebevele baqalile ukukhala ezimathonsi, njengoba sebezwile ukuthi iqembu labo liyadayiswa, noma selivele lidayisiwe.
“Uma ungumlandeli weSwallows inhliziyo yakho iyephuka kulesi simo. Yiliphi manje iqembu abazoleseka ebholeni elikhokhelayo?”, kubuza uPetersen.
“Mhlawumbe sekungalunga uma kungaqhamuka isiqumama esithile sithenge igama leqembu, kuqalwe kabusha.
“ISwallows ne-Orlando Pirates amaqembu amabili amakhulu ebholeni laseNingizimu. Uma kukhulunywa ngomdlalo womkhaya wangempela kusuke kukhulunywa ngala maqembu. Sizowubuka kanjani manje?”
Le nkakha yayiyibamba nabadlali abafana noNoel “Mzala” Cousins, uNelson Castro, u-Andrew Ramsden, u-Andy Cencig, uGraham Lowe, u-Andries “Chaka Chaka” Mpondo, nabanye.
Ngaleso sikhathi iZinyoni zazivutha bhe futhi iqembu elidlala nazo lalingaphumuli ingakakhali impempe uma lihamba phambili ngo 2-0. ISwallows yayibuya noma sekusele amanenjana kuphele umdlalo.
ISwallows ike yanyamalala ebholeni laseNingizimu isikhathi eside. Ukubuya kwayo kumasizini edlule kujabulise abalandeli bayo.
Nokho izinkinga zemali zigqame kakhulu ngesizini edlule. Leli qembu lize langena emahlazweni ngenxa yalokho.
Njengoba iSwallows izokwehlela kwiMotsepe Foundation Championship, akwaziwa ukuthi izogcina iphelele kuphi. Nasekuqaleni yehlela khona yagcina ishone kwalasha, yashabalala.