Ufuna izigidi owalimala esebenza kwaPitso
Umqeqeshi we-Abha Club, uPitso Mosimane nowakwakhe uMoira Tlhagale babhekene nelinye icala lemali njengoba obengumsizi wabo wasendlini, uDorothy Sikirivao ebafuna imali ebalelwe ku-R5.7 million.
Ngokombiko wephephandaba iSunday World, uSikirivao uvule icala eNkantolo eNkulu yaseGoli, ethi wawa ngesikhathi esusa imfucumfucu emzini kaMosimane.
Lokhu kuwa kwaholela ekutheni alimale kabi, wagcina enokukhubazeka kanti ngeke esakwazi nokukhulelwa.
Leli phephandaba liqhuba lithi uSikirivao ufuna isinxephezelo ngemuva kokuthi uPitso noMoira beqale bekhokhela izindleko zakhe zokwelashwa kodwa babuye bayeka ngaphandle kwencazelo.
Amaphepha asenkantolo, aveza ukuthi isigameko senzeka ngo-Ephreli 26 ka-2021, ngesikhathi uSikirivao esebenza lapho kuhlala khona laba bashadikazi.
Abammeli bakhe bayagomela ngokuthi wayengaphansi kweso likaPitso noMoira ngesikhathi sesehlakalo.
“Yibo abayalela ummangali ukuba akhiphe imfucumfucu lapho kwakakhiwa khona lapho behlala khona,” kusho isitatimende sabammeli abasifake enkantolo.
“Ngaphandle kokuthi abamangalelwa bagunyaze umsebenzi wokwakha futhi bayalela ummangali ukuthi asuse imfucumfucu emsebenzini wokwakha, ingozi yamhla zingama-26 ku-Ephreli 2021 yayingeke yenzeke.
“Abamangalelwa babophezelekile ngokuhlanganyela ukunxeshezela ummangali ukuze bambuyisele esimweni sempilo abekuso ngaphambi kwengozi.
“Abamangalelwa bamukele lesi sibopho ngokukhokhela izikweletu zokuqala zokwelashwa kommangali ngaphambi kokuphika futhi balwe ngakho ngenxa yezizathu ezingaziwa ummangali.”
Le mali, ngokombiko, ihlanganisa u-R1.7-million wokulahlekelwa imali engenayo, u-R2-million wezindleko zokwelashwa zesikhathi esidlule nesakusasa, u-R1-million wokulahlekelwa yizinto zokuphila no-R1-million wobuhlungu nokuhlupheka kwakhe.
UMosimane nomkhakhe – obuye abe yimenenja yakhe – kumanje bahamba elinye icala la iMamelodi Sundowns ibafuna imali ebalelwa ku-R8-million.
Lena yimali eyakhokhelwa uPitso njengesibonelelo sokusayina inkontileka entsha ngaphambi kokuthi ashiye isigubhukane kuleli qembu.
FUNDA NALA: Inkakha ifuna kubuyiswe uZwane kwiChiefs
ISundowns ithi wephula imigomo yenkontileka ngokusheshe ahambe eqenjini esanda kukholwa lesi sibonelelo.