EzakamuvaIbhola

Inkakha ifuna kubuyiswe uZwane kwiChiefs

UZebulon “Sputla” Nhlapho, oyinkakha yeKaizer Chiefs unxusa abaphathi baleli qembu ukuthi bazehlise babuyise u-Arthur Zwane azoqedela le midlalo esele kule sizini. 

UZwane udiliziwe ekucijeni iChiefs ekuqaleni kwesizini, wabuyiselwa ekubeni yiphini, kwenyuswa uMolefi Ntseki waba ngumqeqeshi.

Kodwa lokhu akuzange kuyisebenzele iChiefs futhi uNtseki usheshe waxoshwa, uZwane naye wabuyiselwa ezinkulisa zeqembu. 

Ube sewunikwa uCavin Johnson lo msebenzi kodwa naye uyamehlula njengoba izinto ziya ngokuba zimbi kunokujika ngaphansi kwakhe. 

Manje uNhlapho ubona kungaba yinto enhle kubuyiselwe uZwane ngoba ukholwa wukuthi kwakubonakala lapho ebheke khona neqembu.

“Ngibona ukuthi uma ngabe bengakwenzi lokho, iKaizer Chiefs izokhala ngaphandle kweTop 8, angikungabazi nakancane lokho,” kusho uNhlapo kwi-KickOff.

“Ngiyakuqonda ukuthi uZwane bamqhelisa eqenjini elikhulu kwiKaizer Chiefs. 

“Kodwa manje siyamdinga ukuthi abambe le midlalo yokugcina ngoba abadlali bayamazi, kukhona okungalunga.”

IKaizer Chiefs isendaweni ka-10 kwiDStv Premiership njengoba isaqoqe amaphuzu angu-32 kuphela emidlalweni engu-22.

Ngaphansi kukaCavin Johnson, abonakala emancane amathuba okuthi angaqeda kwiTop 8 njengoba kuvela ukuthi selimehlulile iqembu.

Uzivumele yena ngempelasonto ukuthi abadlali bakhe bahilizisanile ezindlini zokushintshela kade beqeda kushaywa yiRichards Bay.

Kumanje selishaywe imidlalo emine kulandela, okusho ukulahleka kwamaphuzu angu-12.

Akuyena ke yedwa uNhlapo ofisa isizini iqedelwe uZwane njengoba nedlanzana labalandeli lake lakuveza ukuthi ngathi kwakungcono yena.