‘Idlozi’ lakwaPieterse libukeka limbhekile uReyaad, welule inkontileka neDowns
SIHLE NGUBO
Unozinti weMamelodi Sundowns, abanye abangazi nokuthi ukhona kuleli qembu, uReyaad Pieterse, ungumuntu onenhlanhla kakhulu ngokuhlale elithola liphelele iholo lakhe, yize engadlali kuleli qembu.
Lo nozinti, oke waba semabhukwini eKaizer Chiefs, akakaze abolekiswe njengabanye abadlali beDowns, phezu kokuba elizwa ngendaba ijezi.
UPieterse, oneminyaka engu-34, ufike kwiSundowns ngo-2018 esuka kwiSuperSport United.
Kuyo yonke le minyaka usavimbe amahlandla angu-12 kuphela, kanti isikhathi esiningi usuke engekho ngisho ebhentshini.
Ezivela eChloorkop zithi uPieterse uvuselele inkontileka yakhe ngonyaka owodwa, njengoba kuzoqala isizini entsha yeBetway Premiership ka-2026/2027.
KuBafana Ba’Style kubusa uRonwen Williams emapalini, kanti uma engekho kuvimba uDenis Onyango.
Ngaphezu kwalokho kusekhona uJody February ongakaze alithole ithuba elikahle lokuba sezintini zeSundowns.
Muva nje kusanda kuvela ukuthi uRicardo Goss, ongunozinti obebolekiswe yiDowns kwiSiwelele FC, uzobuyela eChloorkop njengoba kuzoqala isizini entsha.
Lokhu kuqinisekiswe yiSiwelele evalelise lo nozinti weBafana Bafana, yabonga ngayenzele kona ngesizini edlule.
Ukubuya kukaGoss kushiya imibuzo yokuthi ubani ongase abolekiswe phakathi kukaFebruary noPieterse.
Awekho amathuba okuthi kubolekiswe u-Onyango osethathwa njengedlozi leSundowns njengoba eseneminyaka engu-41.
Nakanjani lo nozinti, odabuka e-Uganda, uzogugela kwiSundowns futhi maningi amathuba okuthi anikwe umsebenzi kuleli qembu uma esegaxe amagilavu akhe emgibeni.
UPieterse naye ubukeka ezogugela kuBafana Ba’Style kodwa yena angase agaxe amagilavu akhe emgibeni ehlezi nezihlwele, ebuka ozakwabo begijima ensimini.
Mhlawumbe angaziduduza ngakho lo nozinti ukuthi uyahola ekupheleni kwenyanga, umndeni wakhe awulambi.

