Kushone oweChippa United engozini yemoto
IChippa United igubuzelwe yifu elimnyama kulandela ukushona komunye wabasebenzi bayo engozini yemoto, uThandoxolo “Yebho” Ntoni.
UNtoni ubeyi-kit manager yeqembu kanti ubehlale ezijabulele, ezidansela. Ngokwesitatimende seqembu ushone engozini yemoto kodwa akukaqondali ukuthi kwenzekeni ngempela kodwa kusaphenywa.
“UThanduxolo ubengumuntu ozinikelayo nobalulekile emndenini weChippa United. Ubeqinisekisa ukuthi ukuphepha nokuthi konke kuhamba kahle kubadlali nabasebenzi beqembu,” kusho isitatimende esithunyelwe yiChilli Boys.
“Ukuzinikela kwakhe, umusa wakhe nomoya omuhle kuzokhunjulwa yibo bonke abebemazi. Imicabango nemithandazo yethu ikanye nomndeni kaThanduxolo, abangani nabo bonke abebemthanda ngalesi sikhathi esinzima kangaka.
“Sinxusa ukuthi kuhlonishwe umndeni unikwe ithuba lokwenza izinto zawo ngasese ngalesi sikhathi sokulahlekelwa okungaka.”
Imininingwane yokufihlwa kukaNtoni ibingakatholakali kanjalo nokuthi inkonzo yesikhumbuzo izokuba nini.