EzakamuvaIbhola

Ezishaqisayo ngoSaleng ongeneme kwiPirates

Sekuvele imibiko ethi uMonnapule Saleng, ogijima kwi-Orlando Pirates, uhlela ukufaka isicelo sokukhululwa kuleli qembu ekupheleni kwesizini.

Yize esebenze kahle ngo-2022/23, lapho ahlonishwa khona njengomdlali ovelele kwiDStv Premiership oqokwe ngozakwabo, iPlayers’ Player of the Season, uSaleng uzithole ehlezi ebhentshini isikhathi esiningi kule sizini. 

Yize esedlale imidlalo engu-15 yeligi, wahlohla amagoli amathathu wakhela uzakwabo elilodwa, uSaleng kubikwa ukuthi akagculisekile ngesimo akuso eqenjini. 

Ngenxa yalokhu, uhlose ukucela iPirates ukuthi imbolekise noma imkhulule ngokuphelele, okuzomenza akwazi ukuthola amathuba okudlala njalo kwenye indawo.

“Ngicabanga ukuthi imizamo yamaqembu abemfuna egcina ibhuntshile ekupheleni kwesizini edlule imphazamisile uMonnapule ngandlela thize. 

“Akazange esaba ngumdlali ofanayo ngemuva kwalokho,” kusho umthombo ocashunwe abePhakaaathi.

USaleng ubemataniswa neMamelodi Sundowns nakwamanye amaqembu aphesheya kwezilwandle, kodwa kwagcina kungenzekanga lutho. 

“Kodwa usedlulile kulokho njengamanje futhi uyabona noma nini lapho engena ukuthi usebuyele ekusebenzeni manje. 

“Kodwa kubukeka sengathi umqeqeshi ufuna ukumenza umdlali asebenzisa uma sebexakekile kanti yena akayizwa kahle leyo.

“Yingakho ke ezocela iqembu ukuthi limdedele ayodlala kwenye indawo,” kwengeza umthombo.

USaleng useke wadlalela i-Orbit College, Free State Stars neMoroka Swallows (ebolekiswe yiPirates) phambilini.