Iyayilahla iLiverpool, uKlopp ubambelela ngezidindi
SIHLE NGUBO
ILiverpool FC izifake enkingeni enkulu ngokuhluleka ukushaya i-Everton emdlalweni we-English Premier League (EPL), eGoodison Park, ngoLwesithathu ebusuku.
EzikaJurgen Klopp zizabalaze kwangangalunga zithelwa othulini ngo 2-0 ezikaSean Dyche, kwancipha amathemba okunqoba isicoco seligi.
Ukunqoba umdlalo kweLiverpool bekuzosho ukulingana ngamaphuzu ne-Arsenal esesicongweni nga-77. Womabili amaqembu asedlale imidlalo engu-34.
Nokho ukushaywa kuyibeka engcupheni, ikakhulukazi ngoba iManchester City esemhlane wayo (enamaphuzu angu-74) isalele emuva ngemidlalo emibili.
Lokhu kuchaza ukuthi uma iManchester City inqoba imidlalo esalele ngayo ngemuva izoqhwakela, bese ziye emidlalweni yokugcina sekuminyene utshumo.
IMan City izobhekana neBrighton, ngoLwesine ebusuku, emdlalweni ozobhekwa kakhulu amaqembu abanga isicoco seligi, okuyiLiverpool ne-Arsenal.
Nakanjani iLiverpool izothandazela ukuthi iMan City ingawini ngoLwesine ukuze ingaphumi embangweni wesicoco seligi.
Konke lokhu kwenza ukuthi ukuvalelisa uKlopp ekupheleni kwesizini kungabi novuthondaba okulufanele.
Lo mqeqeshi, ozoshiya iLiverpool uma kusongwa isizini, ubeqala ukushaywa eGoodison Park eminyakeni eyisishiyagalolunye ebambe izintambo kwiLiverpool.
“Kuyabonakala ukuthi siyatatazela phambi kwamapali,” kusho uKlopp ngemuva komdlalo.
“Sakha inqwaba yamathuba kodwa asilishayi igoli njalo.
“Kuyazicacela lokho futhi kuyinkinga. Kumele ulwe udlule kulesi simo.
“Yindlela abathatha ngayo izinto abafana. Bayayifuna le nto kodwa umsebenzi wami ukubenza bazizwe benokuzethemba ukuthi bangayenza.”
FUNDA NALA: Ezishaqisayo ngoSaleng ongeneme kwiPirates
Emdlalweni olandelayo iLiverpool izobhekana neWest Ham United eLondon Stadium ngoMgqibelo ngo-1.30 ntambama.