OweChiefs kumele asike iphethini koweBucs owuntanga yakhe
SIHLE NGUBO
Umdlali othembisayo nosemncane weKaizer Chiefs, uMduduzi “Mdu” Shabalala, kumele kumgqugquzele futhi kumenze abhukule okwenziwe uRelebohile Mofokeng, we-Orlando Pirates, ngesizini edlule.
Laba badlali, bezinkunzi zaseSoweto, bangontanga njengoba beshiyana kancane nje ngeminyaka. UShabalala uneminyaka engu-20 kanti uMofokeng unengu-19.
Bobabili baqhamuka kwiDStv Diski Challenge (DDC) esikhiqize abadlali abaningi abagcina benza kahle kwiDStv Premiership. Nokho uMofokeng ubukeka efike washesha ukuvuthwa esigabeni esikhulu.
Lo mdlali ukhale wemuka nemiklomelo emibili ngesikhathi i-Premier Soccer League (PSL) iklomelisa abenze kahle ngesizini edlule, emcimbini obungeSonto ubusuku.
UMofokeng uthole umklomelo iNedbank Cup Promising Player of the Season, neDStv Young Player of the Season. Akekho okhonondayo ngokuthi lo mdlali uhlabane nale miklomelo ngoba vele imfanele.
Lo mdlali usuke kwiSchool of Excellence wajoyina iPirates. Uqale wagxila kwiDDC kodwa wagcina elokhu ebonakala ebhentshini leqembu elikhulu.
NgoMeyi 3 unyaka kungu-2023, uMofokeng unikwe ithuba iBucs ibhekene neRoyal AM. Bekubukeka sengathi uthole igoli emdlalweni wakhe wokuqala kodwa kwathiwa umkhonto ogwaze ekhaya ngoba lashayisa kumdlali weThwihli Thwahla, ngaphambi kokuyokhalakathela enethini.
Emdlalweni olandelayo uMofokeng ulitholile igoli ngesikhathi iPirates ibhaxabula AmaZulu FC ngo 4-0. Kulowo mdlalo waphinde wakha negoli kwacaca ukuthi uyayiphendla indawo yakhe kweZimnyama.
Isizini ka-2023/2024 ibe yinhle kakhulu kuMofokeng njengoba ukudlala kahle kwakhe kwenze wabizwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana. Ungene sekusele amanenjana ngesikhathi iBafana ishaya iZimbabwe ngo 3-1 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, emasontweni edlule.
Ngasohlangothini lukaShabalala izinto zibukeka zingasheshi njengoba kwenzeka kuMofokeng. Lo mdlali unqobe iCosafa Under 17 ngo-2020 waheha amehlo abaningi.
Ngemuva kwalokho umenywe ukuthi ayozama inhlanhla neVillareal yaseSpain. Ngesizini ka-2021/2022 unqobe iDStv Diski Challenge neChiefs wase emenywa yiK.V.C Westerlo yaseBelgium, ukuthi azozama nayo inhlanhla.
Kuvela ukuthi leli qembu laseBelgium lazama ukuxoxisana neChiefs ngoShabalala kodwa bagcina bengavumelananga. Udlale umdlalo wakhe wokuqala eqenjini elikhulu iChiefs ibhekene neMoroka Swallows ngoMeyi ka-2022.
NgoDisemba ngawo unyaka u-2022 unyuselelwe ngokusemthethweni eqenjini elikhulu. Nokho ukungenzi kahle kweChiefs kungenzeka ukuthi kuthande ukumdonsela emuva uShabalala.
UMdu akumele abhekise ikhanda phansi uma ebuka okwenziwe untanga yakhe uMofokeng. Kumele abhukule kakhulu ngesizini ezayo, azitshele ukuthi naye angakwenza. Likhona ithemba lokuthi iChiefs izobe isidlala kangcono uma sekukhona umqeqeshi omusha, nabadlali abasha.