EzakamuvaIbhola

Kukhona okusina kumjeqeza uCijimpi woSuthu

SIHLE NGUBO 

Kukhona okusina kujeqeza umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo “Cijimpi” Franco, iqembu lakhe eliwukudla kwenduku selokhu kuqale isizini entsha yeBetway Premiership.

Usuthu lusahlulekile ukuthola amaphuzu aphelele emidlalweni emithathu eseluyidlalile yePremieship.

Ngempelasonto AmaZulu aphinde athola isibhaxu sika 1-0 sivela kwiMarumo Gallants nayo ebiqala ukuwina kule sizini.

Leli qembu laKwaZulu-Natal livule imidlalo yeligi ngokushaywa yiPolokwane City ngo 2-1. Ngemuva kwalokho Usuthu lushaywe yiKaizer Chiefs ngo 3-1 njengoba selushaywe yiGallants.

Ukudliwa kanje koSuthu kufaka enkulu ingcindezi kuFranco nethimba lakhe labaqeqeshi. Okuphawuleka ngaMaZulu ukuthi awadlali ibhola elibi kodwa imiphumela uyaphila.

Leli qembu seliphoqeleke ukuhlalisa ebhentshini ukaputeni walo uVeli Mothwa ngenxa yokwenza amaphutha ezintini. Nokho ukuqalisa u-Olwethu Mzimela nakho kubukeka kungasizi.

“Sisesimeni lapho konke kungasivuni okwamanje,” kusho uFranco ngemuva komdlalo neGallants.

Ngaphandle kwalokho lo mqeqeshi uthe bayazama ukwakha amathuba okushaya amagoli kodwa abekho bukhali ngokwanele phambili.

Izinto zingase zibe zimbi kakhulu kuMaZulu njengoba ezobhekana ne-Orlando Pirates koweligi ngo-Okthoba 25.

Uma izinto zigcina zingahambi kahle kuFranco ngeke kumangaze ukuthi ashenxiswe bese kunikwe izintambo uVusumuzi “Kanu” Vilakazi ongumqeqeshi weDStv Diski Challenge (DCC) kuwona AmaZulu.