EzakamuvaIBetway Premiership

Umdlali weChiefs ufuna umgqigqo weCAF usuleleke kweyeligi

SIHLE NGUBO

Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala, ufisa baqhubeke nomgqigqo abawukhombise kwiCAF Confederation Cup, emidlalweni yeBetway Premiership.

IChiefs ishaye i-AS Simba, yaseDemocratic Republic of Congo, ngo 3-1 emlenzeni wesibili weConfed Cup, yazibekisela indawo esigabeni samaqoqo.

Leli qembu laseNaturena lizithole lilahla amaphuzu emidlalweni yeligi njengoba lidlale ngokulingana imidlalo emithathu ilandelana.

Nokho uShabalala ufuna baqoqe amaphuzu amathathu uma sebetholana phezulu neDurban City emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.

“Kubuyise ukuzethemba okukhulu kithina ukushaya amagoli amathathu, futhi lokho sizokudlulisela emdlalweni esizowudlala neDurban City,” kusho uShabalala kwi-website yeChiefs.

“Kithina kubaluleke kakhulu ukuthola umphumela omuhle kulo mdlalo.

“Besilokhu sidlala kahle kodwa singawaqedeli amathuba ethu ngendlela esifuna ngayo.

“Leli yithuba elihle lethu njengeKaizer Chiefs, lokubuyela emgqeni kwisizini yethu yemidlalo yeligi.

“Kumele siqhubeke nalokhu esikwenzayo bese amathuba esiwatholayo sishaye amagoli.

IChiefs isendaweni yesine kanti iCity ezobhekana nayo isendaweni yesihlanu, bashiyana ngephuzu elilodwa kuphela.

“Sizobanika inhlonipho ebafanele ngokuqala kahle kwabo isizini,” kuqhuba uShabalala.

“Nokho sigxile kakhulu kulokhu esikwenzayo nalokho esifisa ukukuzuza, ukuqinisekisa ukuthi ukudlala kahle kwethu kuza nemiphumela emihle.”

Ukunqoba kweChiefs kuzoyibeka endaweni yesibili kwilogi yePremiership, ngaphezulu kwezimbangi zayo i-Orlando Pirates.

IBucs inomdlalo onzima njengoba izobhekana nompetha beligi iMamelodi Sundowns emdlalweni weBetway Premiership, eLoftus Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

ISundowns iyona ezihola phambili njengamanje kwilogi yePremiership ngamaphuzu angu-21.

Ngemuva komdlalo wangoLwesihlanu iChiefs izobhekana nomakoti i-Orbit College komunye umdlalo wePremiership, ngoLwesibili ebusuku.