CAF Champions LeagueEzakamuva

Inkulu ingcindezi kwiSundowns ngeChampions League

Basale bemangele abezindaba kuleli sonto ngesikhathi iMamelodi Sundowns ihluleka ukuthumela abadlali ukuzokhuluma nabo emhlanganweni obuhlelwe yiyo.

Oxhumanisa leli qembu nabezindaba, uShupi Nkgadima nguye okhiphe isimemo kwabezindaba, ebabizela eChloorkop ngoLwesithathu. 

Nebala bavukele khona, kodwa baqhinqa baze bagcina bedubile sekuphele amahora amabili abadlali bengabonwa nangokhalo la bekumele kuhlanganelwe khona. 

Kulo mhlangani abadlali bekumele bakhulume ngomdlalo wabo onzima weCaf Chmapions League ongoLwesihlanu ebusuku. 

Kulo mdlalo womlenze wesibili kweyandulela owamanqamu, iSundowns ilandela ngemuva ngo 1-0 kanti kubhekwe ijike izinto eLoftus Stadium. 

Manje iPhakaaathi ibika ukuthi abadlali beSundowns bebevaleleke emhlanganweni la bebecubungula khona amavidiyo ngaphambi kwalo mdlalo wangoLwesihlanu. 

Ibika ukuthi abaphathi beSundowns, okuhlanganisa nomqondisi wezemidlalo, uFlemming Berg, abaneme ngemidlalo yakamuva yeqembu.

Lokhu kuhlanganisa ukudlala ngendlela engagculisi kuyo yomibili imilenze emzuliswaneni odlule kwiChampions League la iSundowns idlule ngenhlanhla sekukhahlelwa amaphenathi kwiYanga SC yaseTanzania.

Njengoba iSundowns ivele iqhwakele futhi ibukeka izosidla kalula isicoco sayo sesikhombisa kulandelana seDStv Premiership, kule sizini okugxilwe kwiChampions League.

Manje abaphathi beSundowns nabo kuthiwa badumele ngokudlala kweqembu emlenzeni wokuqala ne-Esperance eTunisia.

ISundowns isayinqobe kanye kuphela iChampions League ngo-2016, kanti aMasandawana kuzodingeka enze kangcono kakhulu ngoLwesihlanu uma ezofinyelela kowamanqamu. 

Manje umbuzo uthi kungenzeka yini ukuthi ingcindezi yabaphathi yokuthi abadlali bagxile emdlalweni wangoLwesihlanu iyona edale ukuthi kuzitshwe abezindaba eChoorklop?

Umqeqeshi, uRulani Mokwena ukhale ngokuthi imisebenzi yabo ibukelwa phansi, abanconywa noma benze kahle kodwa kubhekwa izici. 

Uthe udinga eminye iminyaka emine ukuze agcine enqobe iChampions League.

Uze wenza isibonelo ngokuthi noPitso Mosimane wayinqoba kanye eminyakeni eyisishiyagalombili ekwiSundowns.