UJohnson usathembele koDu Preez noGonzalez kwiChiefs
UCavin Johnson, ongumqeqeshi osabambile kwiKaizer Chiefs akazisoli neze ngesinqumo sokungaqinisi kubagadli ngesikhathi kuvulwe iwindi yokuhwebelana ngabadlali ngoJanuwari.
IChiefs ayiliboniswa nhlobo ipali kule sizini njengoba isashaye amagoli angu-20 kuphela emidlalweni engu-21 kuyona yonke imiqhudelwano.
Amakhosi aphinde alahla inqwaba yamathuba ngeSonto edlala ngokulingana neRoyal AM emdlalweni weDStv Premiership.
Lokhu kufakazele labo abakholwa wukuthi Amakhosi bekumele aqinise ngabagadli abanamava ngoJanuwari.
UJohnson, ongene kulo msebenzi ekupheleni kuka-Okthoba, uthi uyena ongazange acele mdlali kubaphathi ngoJanuwari.
“Ngicabanga ukuthi esinakho kuhle ngokwanele ukuthi kusibeke la sifuna khona ekupheleni kwesizini…
“Siqoqe amaphuzu amaningi (kwiligi), futhi ngithandazela nokunqoba indebe,” kusho uJohnson kuleli sonto.
“Sinabo abagadli abasezingeni eliphezulu abafana no-Ashley (Du Preez), Ranga (Chivaviro), (Jasond) Gonzalez … uPule Mmodi noChristian Saile esisebenza nabo njalo.
“Angicabangi ukuthi amaqembu angakwazi ukuthenga impumelelo.
“Ungathenga abadlali abahle… kodwa (usa) udinga ukusebenza kanzima ezintweni eziningi.”
FUNDA NALA: Kapowezha: UKomphela uqhelelane kakhulu neqiniso
Ithuba lokugcina leChiefs lokuthola indebe kule sizini yiNedbank Cup, futhi izoqala umkhankaso wayo kule ndebe ngokwamukela iMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship ngeSonto.

