EzakamuvaiDStv Premiership

Ngabe Usuthu lunozwelo ngeBay? UMartin uyaphendula

Umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, ukubeke kwacaca ukuthi ngeke kube ‘nobukhelwane’ emdlalweni womkhaya baKwaZulu-Natal. 

Usuthu luzovakashela iRichards Bay eKing Zwelithini Stadium, emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

IRichards Bay izithola isesimeni esibi, ibhekene nengwadla yokudliwa yizembe kulandela ukuhlulwa yiCape Town Spurs emdlalweni odlule. 

Yize kunjalo, uMartin ukugcizelele ukuthi AmaZulu aliyeke ithuba lokuqoqa amaphuzu agcwele. 

Uthi noSuthu nalo lunezinhloso zalo zokuqeda ngaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezuku kwilogi. 

“Silapha ukuzisiza thina, ngeke ke sikwazi ukusiza abanye abantu,” ucashunwe esho kanje uMartin kwiSportsWire.co.za.

“Ngicabanga ukuthi ugqozi lukhona ngaphandle kokuthi kube umqeqeshi osho okuthile. “Kungani? Ngoba uma ukhumbula ngesizini edlule, AmaZulu adlale imidlalo yomkhaya eyisishiyagalombili adlala ngokulingana emine, ahlulwa kwemine.

“Kule sizini, sinqobe emine kwayisithupha (okwamanje). Sidlale ngokulingana kabili, kanti njengamanje siyiqembu elihamba phambili KwaZulu-Natal. 

“Kubalulekile ekilabhini, kumengameli, kubalandeli, nakuwo wonke umuntu osondelene neqembu. “

UMartin uzwakalise ukuphatheka kabi ngokumiswa komdlali wasemuva u-Abubbakar Mobara, athe ubaluleke kakhulu eqenjini lakhe. 

Lo mdlali wakhishwa ngekhadi elibomvu bebhekene ne-Orlando Pirates kulandela ukulwisana kwakhe nonompempe.