‘Ngeneme ngesikwati enginaso,’ kusho umqeqeshi weChiefs
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs akubukeki kukhona abanye abadlali ezobasayinisa maduze, uma kuzwakala indlela akhuluma ngayo umqeqeshi wayo uFernando da Cruz.
Amakhosi bekubhekiwe ukuthi angase asayinise umgadli nomdlali wasemuva kwesokunxele, njengoba abadlali baleli qembu belimala njalo.
Kuyimanje uPaseka Mako, uBradley Cross, uNkanyiso Shinga noReeve Frosler, basazama ukwelulama ngokuphelele ekulimaleni.
Omunye umdlali okuvela ukuthi uselimele uThabiso Monyane kanti nomgadli, uFlavio da Silva, ukulabo abalimele, kanjalo noLangelihle Phili.
Konke lokhu bekwenza kubukeke sengathi Amakhosi adinga ukusayinisa abanye abadlali, ikakhulukazi njengoba beke balimala bonke abadlala basemuva kwesokunxele.
Nabagadli yinto efanayo njengoba uDa Silva elimale elandelana no-Etiosa Ighodaro, oseluleme.
Ngokusho kukaDa Cruz, uMako, uCross, uShinga noFlosler, sebeluleme kodwa abakabi yimiqemane ngokuphelele.
Lo mqeqeshi waseFrance uthe weneme ngabadlali anabo ekhempini yaMakhosi.
“Ngeneme ngesikwati enginaso, angidingi abadlali abasha,” kusho uDa Cruz.
“Uma kwenzeka kuba nethuba elithile (ngomdlali) mhlawumbe singalibheka.
“Kodwa okwamanje ngeneme ngesikwati esikhona, abekho abadlali abasha engibabhekayo.”
UDa Cruz ukhombisa ukubathanda abadlali abasebancane beChiefs, okukhona kubona uMfundo Vilakazi, uMduduzi Shabalala, uLuke Baartman, u-Asanele Velebayi noLangelihle Phili.
IChiefs izobuyela enkundleni ngokubhekana neSiwelele FC, emdlalweni weBetway Premiership, eDobsonville Stadium, eSoweto, ngeSonto ngo-5.30 ntambama.
Emdlalweni odlule weligi iChiefs ibambane neRichards Bay FC ngo 2-2, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

