Kugiya abeChiefs kwele-Under 20 elizolungiselela iCosafa
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs iyona enabadlali abaningi eqenjini laseNingizimu Africa okuzokhethwa kulona abazoyibamba kwiCOSAFA U-20 Championship.
Kusuka ezintini kuze kuyofika kumafolosi Amakhosi anabadlali abawamele kuleli qembu labafana abancane. Lokhu kukhombisa ukuthi inkulisa yeChiefs yenza umsebenzi omuhle kakhulu.
Konozinti abathathu abakhona oweChiefs obiziwe uTakalana Mzhamba. Kubukeka sengathi bobathathu bazogcina beseqenjini uma sekumenyezelwa okokugcina.
Amakhosi anezitobha ezimbili kuleli qembu. Labo uTauyana Gopolang noSifiso Timba, oqale kahle kwiDStv Diski Challenge ka-2024/2025.
UMfundo Vilakazi, odlala eqenjini elikhulu kwiChiefs, ukhona kwabathathu abaphuma eNaturena abayibamba esiswini. Abanye ababili u-Oftense Kgosana noMpho Ketang.
Phambili ayisalanga iChiefs kubadlali abahlanu ababiziwe. Kumafolosi Amakhosi amelwe uNeo Bohloko, nokuchaza ukuthi bayisikhombisa sebebonke kuleli qembu.
Le midlalo ezosetshenziswa ukuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-Under 20, izoqala ngoSepthemba 26 ize isongwe ngo-Okthoba 6 eMozambique.
Selilonke iqembu limi kanje:
Onizinti:
Fletcher Lowe – Estoril
Musa Masemola – VIA Sports
Takalani Mazhamba – Kaizer Chiefs
Izitobha:
Oupa Motaung – TS Galaxy
Mbekezele Mbokazi – Orlando Pirates
Tylon Smith – Stellenbosch
Tauyana Gopolang – Kaizer Chiefs
Asekho Tiwani – Mamelodi Sundowns
Duane Bennet – Wits FC
Neo Rapoo – SuperSport United
Sifiso Timba – Kaizer Chiefs
Siviwe Nkwali – Cape Town Spurs
Abasesiswini:
Bennet Mokoena – Mamelodi Sundowns
Gomolemo Kekena – Mamelodi Sundowns
Oftense Kgosana – Kaizer Chiefs
Mpho Khetang – Kaizer Chiefs
Faiz Abrahams – Stellenbosch
Mfundo Vilakazi – Kaizer Chiefs
Kutlwano Letlhaku – Mamelodi Sundowns
Siyabonga Mabena – Mamelodi Sundowns
Lazola Maku – SuperSport United
Langelihle Phili – Stellenbosch
Shakeel April – Cape Town City
Lefa Autata – TS Galaxy
Shandre Campbell – Club NXT
Michael Dokumnu – Vitesse
Xhosa Manyana – Cape Town City
Kamohelo Maraletse – Mamelodi Sundowns
Emile Witbooi – Cape Town City
Amafolosi:
Luke Baartman – Cape Town Spurs
Thabang Mahlangu – SuperSport United
Jody Ah Shene – Cape Town City
Siviwe Magidigidi – SuperSport United
Neo Bohloko – Kaizer Chiefs