UMakaab nokusha ngoManqoba Mngqithi neChiefs
Umhlaziyi webhola kwiGaagsi FM, ophinde abe yimenenja yabadlali nabaqeqeshi, uMike Makaab, useveze okusha ngokumataniswa kukaManqoba Mngqithi neKaizer Chiefs.
UManqoba Mngqithi uphelelwa yinkontileka kwiMamelodi Sundowns la eyiphini likaRulani Mokwena ekupheleni kwale sizini.
Manje uManqoba Mngqithi ungomunye wabaqeqeshi asebemataniswe nomsebenzi ongenamuntu kwiKaizer Chiefs.
IChiefs sathungatha umqeqeshi ozothatha izintambo kumqeqeshi wesikhashana uCavin Johnson obevale isikhala kulandela ukuxoshwa kukaMolefi Ntseki.
Njengamanje uMngqithi usesizini yakhe ka-11 kwiSundowns ewola kwasani oluphambi kwayo.
Kuhlezi kuvela amahlebezi okuthi nguye owenza impumelelo ibe lula kwiSundowns nokwenza ibe madolo nzima ukumdedela.
“Sengizwe izinkulumo eziningi eziveza lokho kufisa (kweChiefs) kodwa ngiyakutshela njengoba ngihlezi lapha, besingakezwa lutho okusemthethweni okuvela kwiKaizer Chiefs ngoManqoba,” kusho uMakaab kwi-Extratime yeGagasi FM.
“Angicabangi ukuthi kufanele kube yithi esiqala izingxoxo (neChiefs).
“Ngabe kuhlukile ukube sikhuluma ngomqeqeshi ongaziwa ebholeni lakuleli.
“Kodwa angiboni kunesidingo sokuthi kube yithi esiba nentshisekelo iqembu lingakasho lutho, hhayi evela kwabezindaba kuphela.”
UMakaab uphinde wagcizelela ukuthi basesezingxoxweni neSundowns ngokuthi uMngqithi ahlale kuleli qembu lasePitoli.
“Sisaxoxisana neMamelodi Sundowns, uManqoba uzimisele ngeqembu.
“Uma ikilabhu izimisele ngokumgcina, engikholwa wukuthi makhulu amathuba okuthi lokho kwenzeke, uManqoba uzohlala kwiMamelodi Sundowns.
“Engikuvumele neqembu ukuthi lokhu sizokuxoxa kuphela ngemuva komdlalo owandulela owamanqamu weNedbank Cup.
“Ngakho ngihlele ukuhlangana neqembu kuleli sonto, inhloso yami ukuhlangana noManqoba kulo leli sonto futhi ngethemba ukuthi kuzocaca kakhudlwana futhi.
FUNDA NALA: Uyise kaLuke Fleurs usebaxolele ababulali bakhe
“Isiphetho sizoba seduze phakathi nesonto elizayo. Noma ngabe kwenzekani, isinqumo kufanele sithathwe maduze nje.”