‘Laba abashibizayo yibona abanswempu (ngokudlala)’, kusho oweBay ngoMhango
SIHLE NGUBO
Ukuphuza kukaGabadinho Mhango nokuhlupha kwakhe ngaphandle kwenkundla, yinto angenandaba nayo usihlalo weRichards Bay FC, uJomo Biyela.
Uveze lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni abadlali abasha baleli qembu laseMhlathuze ekuqaleni kwaleli sonto.
UMhango, obedlala kwiMarumo Gallants, waziwa kakhulu ngokuthanda ubumnandi notshwala yize lingangabazeki ikhono lakhe enkundleni.
Lo mgadli waseMalawi ufike kuleli ezodlalela iBloemfontein Celtic. Udlule kwiLamontville Golden Arrows neBidvest Wits ngaphambi kokuya kwi-Orlando Pirates, nokuyilapho egqame khona kakhulu eshaya amagoli.
Ngokuhamba kwesikhathi kuvele ukuthi ugruva kakhulu futhi uyazifela ngezikaFaro.
Kuke kwavela ukuthi wake waphuza waze wangakwazi ukukhokha kwenye indawo yokuzijabulisa, imali seyingaphezulu.
UMhango uke wathi qu kuMaZulu FC phakathi kuka-2022 no-2023. Akabange esabuyela ngesizini elandelayo futhi kusolakala ukuthi ungomunye wabadlali abachithwe wuSuthu ngenxa yotshwala.
Nokho uBiyela uthe akanandaba nakho konke lokho kodwa unake okwenziwa uMhango enkundleni.
“Angikho esimeni sokuhlulela abantu. Angiyena uJesu,” kusho uBiyela.
“Umsebenzi wami ukweseka abantu. Umsebenzi wami ukuthola lokho okuhle kulabo bantu.
“Isikhathi esiningi ngibheka lokho okuhle, bese ngizama njengobaba ukubhekana nalokho okungekuhle.
“Angifuni ukumcabanga ngendlela engeyinhle. Uma ngenza lokho iphutha engizolenza ukugxoba yonke into enhle aseyenzile.”
Nakanjani uMhango akayedwa ekubeni nenkinga yokuhlushwa utshwala kwiPremier Soccer League (PSL).
Baningi abadlali abaze bayeka ukudlala ibhola kungakafaneli, ngenxa yotshwala.
“Ngokwezinombolo konke kusobala, uma kukhulunywa ngamagoli awashayayo,” kuqhuba uBiyela.
“Nginike umdlali ongaphuzi onalokhu. Abaphuzi kodwa abawashayi amagoli, bayaphuza bayawashaya.
“Yini engiyifunayo? Angisona isikhungo sokuhlumelelisa. Ngifuna bashaye amagoli noma bashintshe indlela abaphila ngayo?
“Ukuhlonipha ibheji ngizohlala phansi nomdlali ngimenze aqonde ukuthi usekuliphi izinga ebholeni lakhe.
“Kumele aqonde ukuthi angazenza lezi zinto ngesikhathi sakhe kodwa akumele ziphazamise umsebenzi wakhe.
“Baningi abadlali abaphuzayo futhi abanye babo awazi nokuthi bayaphuza…
“…laba abashibizayo uyabazi banswempu kanjani? Yibona ke laba abashibizayo abayinkinga.”
USipho Mbule, osanda kusayina kwiPirates esuka kwiMamelodi Sundowns, kuyaziwa ukuthi uyabuthanda utshwala kodwa ungomunye wabadlali ‘abanswempu’ ebholeni.

