EzakamuvaiDStv Premiership

URamovic akasithandi isimo ‘seqembu elikhulu’ iChiefs 

Umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, ufisele iKaizer Chiefs ukuthi ivuke izithathe ngesizini ezayo, idlale kangcono.

Lo mqeqeshi usho lokhu ngemuva kokuthi iRockets ibambane naMakhosi ngo 2-2 emdlalweni weDStv Premiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesibili ebusuku.

Kulo mdlalo iChiefs idlale ingasaphelele ngemuva kokukhishwa kuka-Emildson Dove, obengukaputeni, ngekhadi elibomvu ngesiwombe sokuqala.

Nokho leli qembu laseNaturena libukeke lidlala ngokuzimisela ikakhulukazi ngesiwombe sesibili lingasaphelele.

“Besidlala neqembu elihle elikhombise ukuzimisela okukhulu,” kusho uRamovic ngemuva komdlalo.

“Ngithemba ukuthi iChiefs izobuya iqinile ngesizini ezayo. Iyiqembu elikhulu nelibalulekile kakhulu.”

Ukudlala ngokulingana kweChiefs kuchaza ukuthi isayibambe kwiTop 8 kwilogi yeDStv Premiership.

Amagoli amabili eChiefs ashaywe uRanga Chivaviro, kwathi amabili eGalaxy ashaywa uSphiwe Mahlangu.

Omunye umdlali weChiefs othole ikhadi elibomvu kulo mdlalo, uBrandon Petersen, ogxambukele kobekwenzeka enkundleni esebhentshini.

IChiefs kuzomele ithole imiphumela engcono uma seyibhekene naMaZulu FC yiPolokwane City neCape Town Spurs, emidlalweni emithathu yokugcina.

AmaZulu azobhekana neStellenbosch FC ngoLwesithathu eKapa, kanti iRise and Shine izotholana phezulu neRichards Bay FC, ezama ukuvika izembe.

I-Urban Warriors ishaye iRoyal AM ngo 1-0 eHarry Gwala Stadium, ngoLwesibili.

Lokhu kusho ukuthi isenalo ithuba lokuvika izembe uma inqoba imidlalo esele, bese iNatal Rich Boyz kuyibhedele kweyayo.